INTATHELI YESOLEZWE
AMAQEMBU ezepolitiki ePhalamende anikwe umnqamulajuqu woMsombuluko ukuthi ahambise amagama amalungu awo azoba sekomitini elizoqala umsebenzi wokuthungatha umvikeli womphakathi omusha. Inkontileka yoMvikeli woMphakathi omisiwe, u-Advocate Busisiwe Mkhwebane, iyaphela ngo-Okthoba nonyaka.

U-Adv Mkhwebane umisiwe emsebenzini futhi uhamba izithangami zePhalamende lapho kwenziwa khona izethulo zokuthi aketulwe esikhundleni sakhe.
Umsebenzi wokuqasha umvikeli womphakathi usingathwa yiPhalamende liphakamise igama lomuntu bese leluleka uMengameli ukuba amqokele esikhundleni.
USihlalo wePhalamende, uMnuz Cedric Florick, uthe luyaphuthuma udaba lokuthi kuqalwe umsebenzi. Ucele osotswebhu bamaqembu ukuthi basheshise uhlelo lokuletha amagama abantu abazoba sekomitini.
Abasuke befake izicelo zomsebenzi babhekana nenhlolokhono esuke isakazwa bukhoma kuthelevishini bephoswa imibuzo yikomiti lasePhalamende.