OBENGUMMANGALELWA usukume waphaphatheka, engakholwa ngesikhathi inkantolo imkhipha phambili ecaleni eselidonse iminyaka emine lokuthumba nelokubulala ngesihluku u-Andile “Bobo” Mbuthu (16).
UMnuz Siyanda Msweli kuthiwe akagoduke ngoba buntekenteke ubufakazi obebumyamanisa namacala.
Usukume waphaphatheka wayoma emnyango nakhona esamangele eme yedwa walinda kwaze kwaphothulwa icala.
Ozakwabo o-Andile Nhleko, Mncedisi Mzobe, Lindani Ndlovu noMalusi Mthembu libagojele, balale bebaliwe.
Bancishwe nokuthi yelulwe ibheyili yabo, bayalelwa ukuthi babuye eNkantolo yeMantshi yaseVerulam, ngo-Agasti 27.
Ngalolu suku kuyokwamukelwa imibiko yosonhlalakahle ngempilo yalawa madoda nomndeni kamufi.
Kuyophinde kube nesigcawu sobengummangalelwa owaphenduka ufakazi woMbuso lapho ezobe ezicelela intethelelo nokuthi kungani kungamele yena ashushiswe.
Imantshi uSanele Hlatshwayo ithe lawa madoda enza isihluku futhi uma ewadedela ngebheyili angase abaleke unomphela.
UBobo washaywa yilawa madoda wafa ngo-Ephreli 20, 2020, esolwa ngokuthi weba utshwala endaweni yobumnandi eMagagula Lounge eHambanathi, oThongathi. Le ndawo yangqongqiswa ngomlilo wumphakathi uveva intukuthelo.
Ujabule unina kaBobo, uNksz Gugulethu Mbuthu, elahlwa ngecala lawa madoda.
Yena nomndeni wakhe nabebandla abebezomeseka baphume enkantolo bacula bebonga uMdali.
UNksz Mbuthu uthe yize ingeke isavuka indodana yakhe kodwa uyabonga ngokuthi ligcine libagojele abamangalelwa.
“Ngase ngithembele kuyona ukuthi izoqeda u-matric ingondle kwazise ngangiwa ngivuka nayo kodwa babona kungcono bayithathe impilo yayo,” kusho UNks Mbuthu.
Lo mndeni ufuna badilikelwe yijele ababulali bakaBobo.
UBobo washaywa usuku lonke wafa, isidumbu sakhe kwayiwa naso eBhamshela lapho sabaselwa nezinkuni emphongolweni ubusuku bonke.
Ngakusasa ekuseni izinsalela zaso zahlakazwa ngepiki zafakwa ezikhwameni nezitini ukuze zizike zaphonswa edamini.
Zatholakala emuva kwezinsukwana kwenziwa ulibofizo nonina, imiphumela yaqinisekisa ukuthi kwakungezikaBobo.
Umnikazi weMagagula Lounge naye owayeboshiwe kuleli cala wadutshulwa wabulawa kwesinye isigameko engaphandle ngebheyili ngecala likaBobo.