LIKHOMBISE ukunengeka labhoka ngolaka iJaji Ratha Mokgoathleng ngesikhathi ufakazi ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa, uZandi Khumalo, ebika ukugula okuholele ekutheni inkantolo iguqe.
UZandi ungufakazi ecaleni lokufa kukaMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana.
UMeyiwa wabulawa ngokudutshulwa ekubo kowayeyintombi yakhe, uKelly Khumalo ngo-2014, eVosloorus, eGauteng.
UZandi ubeqhubeka nobufakazi bakhe izolo abuqale kahle ekuseni kodwa inkinga yaqala sekubuywa ekhefini lasemini. Inkantolo ihlabe ikhefu ngo-1 emini, kwavunyelwana ngokubuya ngo-2 kuqhutshekwe.
Kuthe uma sekufanele abuyele ebhokisini uZandi wangabonakala, ijaji laze lambuza kuMshushisi u-Advocate George Baloyi. Umshushisi ucele ukuyombheka ngaphandle, wase ebuya wathi kulungiswa indaba yendawo kaZandi yokuhlala, wacela ukuthi inkantolo iguqe imizuzu emihlanu.
Ijaji lavuma, lasukuma lasithela egumbini lalo, kwase kuthathwa isikhathi ukuthi kubuyelwe enkantolo. Kuthe uma kubuywa uBaloyi wabuya naye uZandi.
UMshushisi uBaloyi utshele inkantolo ukuthi ufakazi akasakwazi ukuqhubeka ngoba akekho esimweni somqondo esikahle emuva kwesixakaxaka ngendawo yokuhlala.
Ijaji livuke ngolaka lathi kungani kufanele icala libanjezelwe yizindaba zezindawo zokuhlala. Ijaji libhoke ngolaka litshela uZandi ukuthi akasukume achaze ukuthi kwenzenjani.
“Uthe uwubani konje amagama akho aphelele? Chaza, ukuthi yini inkinga yakho manje,’’ kusho ijaji kuZandi. Uphendule ekhulumela phansi ebhekise ejajini.
“NgiwuZandile Lorraine Khumalo. Ngizwa izinhlungu esifubeni,’’ kusho uZandi. Ijaji lithe akaphinde ngoba kalimuzwa kahle. Waphinda wagcizelela ukuthi uzwa izinhlungu esifubeni.
Ijaji likhombise ukucikeka kakhulu, lakhala ngokuthi sekufanele kuguqe icala ngenxa yezinto ezingafanele. Le nze isibonelo ngokuthi yake yenzeka into enjalo phambilini.
“Umsolwa wathi uyagula. Kwase kuphoqa ukuthi kufanele ahlolwe kodwa udokotela kahulumeni wangatholakala. Kwathiwa ukuze kuqashwe udokotela ozimele kufanele kuqale kuzwakale kwabathathu abehlukene, bese kuyiwa kulo obiza kangcono.
Ngaqasha udokotela ngemali yami, wafika wamxilonga wathi akanalutho unokhwantalala lwecala kuphela,’’ kusho ijaji.
Ijaji likhale ngokuthi sekuvela izinkinga ngoba nakhu sekusondela isikhathi sokuphoswa kwemibuzo kufakazi. Kugcine kunqunywe ukuthi icala liguqe libuyele enkantolo namuhla.