USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula usichithile isicelo sokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo uma iPhalamende selivotela umbiko ochaphazela uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.
USOMLOMO wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula usichithile isicelo sokuthi kuvotwe ngokuyimfihlo uma iPhalamende selivotela umbiko ochaphazela uMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa.
Kusasa iPhalamende lizovotela umbiko wethimba ebeliholwa iJaji Sandile Ngcobo, owathola ukuthi kungenzeka ukuthi uRamaphosa waphula umthetho ngendlela asingatha ngayo udaba lokugqekezwa kwepulazi lakhe.
I-ATM ibifuna ukuthi kuvotwe ngokuyimfihlo uma sekuvotelwa lo mbiko.
Kepha uNkk Mapisa-Nqakula usichithile lesi sicelo.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe ukuvota ngemfihlo kungavula intuba yokuthi kube khona abantu abathenga amavoti.
Uthe abantu bakuleli kufanele bazibonele ukuthi amalungu ePhalamende avote kanjani.
Umholi we-ATM, uMnuz Vuyo Zungula, uthe ukuchithwa kwesicelo sabo kuzosiza.
UZungula uthe abantu bakuleli bazokwazi ukuzibonela ukuthi imaphi amalungu ePhalamende azovikela inkohlakalo uma sekuvotwa kusasa.