ISOSHA laqhulula umkalo ngezinhlamvu eziyisithupha; okwaba eyodwa ekhanda, ezine entanyeni neyodwa esifubeni kanti lalimi phezu kombhede okwakulele kuwona umufi, lakwenza phambi kwezingane zalo nomkhwekwazi walo emzini wabo ePinetown, eThekwini, ngoJanuwari 3.
Lokhu kuqukethwe esitatimendeni esifungelwe somphenyi wecala uSergeant Sugar Sosibo esethulelwe enkantolo.
Isosha lombutho wezempi (reservist), uMnuz Lwanda Zungu (37), ugqigqa iNkantolo yeMantshi yasePinetown, ucela ibheyili ecaleni athweswe lona lokubulala ngokuyinhloso umkakhe, uNkk Tania Msane-Zungu (36).
UZungu usolwa ngokuthi watshela enye yezingane zakhe, ngesikhathi zigijimela ekameleni labo (benomufi) nogogo wazo bezwa umufi ekhala efuna usizo, ukuthi ayikhululeke wase eyadubula.
“Waqeda ukudubula umufi amahlandla ayisithupha, wabaleka esegcwele igazi. Endleleni wasabisa umakhelwane wakhe owayezobheka ukuthi kwenzakalani, wathi uzomdubula waqede wamqhulula ngamatshe,” kuchaza uSosibo.
Incwadi kaSosibo ifundwe ngumshushisi uMnuz Ehud-Jadon Francke echazela imantshi uWendalynn Robinson.
UZungu wazinikela emaphoyiseni ngoJanuwari 5, emuva kokushayelwa ucingo nguBrigadier Cele ngoba wayengaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo.
Kubikwa nokuthi umufi waxoxela umama umfundisi, uNkk Londi Ndimande, ngoFebhuwari 14, 2022, ukuthi wabikela uyise mhlazane eshaywa uZungu.
Kuthiwa ubaba kamufi wameluleka wathi akahlukane noZungu ngoba kuyacaca ukuthi uzombulala. Kubikwa ukuthi umufi watshela uyise ukuthi usemxolele uZungu.
“Ubaba kamufi wathi uyasihlonipha isinqumo asesithathile kodwa uma kwenzeka ebulawa uZungu ngeke alubhade yena lapho,” kufunda umshushisi.
NgoNovemba nyakenye, kuthiwa umufi wacela usizo lwezomthetho kummeli u-Advocate Bongumusa Sishanga ngemigudu angayilandela ukuze athole incwadi yenkantolo ezovimba uZungu ukuthi asondele eduze kwakhe. Kuthiwa umufi wathi uZungu ungumuntu onodlame futhi usabela impilo yakhe neyomndeni wakhe nokuthi usefuna incwadi yesehlukaniso somshado.
UMbuso uthi akanganikezwa ibheyili uZungu ngoba akanalo ikheli eliqondile lalapho ehlala khona, akanayo impahla ebiza yena, unencwadi yokuhambela amanye amazwe, ubeqashwe umbutho wezempi kuleli kodwa eyi-reservist.
“Uma ededelwa ngebheyili kuyafana ngoba umbutho wezempi ngeke umbizele emsebenzini, okuyinto oyishilo. UZungu uyabazi ofakazi, wabulala umkakhe, yini engamvimba ukuthi ababulale nabo? Angalibalekela icala,” kusho uFrancke.
Ummeli kaZungu, u-Advocate Muzi Mzelemi, uthe singamampunge isithombe esizanywa ukudwetshwa uMbuso ngomsolwa. Uthe akukho namunye umuntu owaziyo ukuthi kwakwenzekani kuleya ndlu ngosuku lwesigameko. Ucele imantshi imnikeze ibheyili uZungu, aphume ayosebenza ondle izingane zakhe.
Udalule nokuthi anganikwa nombandela wokubosholewa endlini aphume uma eyosebenza kuphela izingane zakhe zingaphili impilo yokukhangeza ekubeni ekhona edla anhlamvana.
Imantshi kulindeleke isikhiphe ngoMsombuluko isinqumo ngebheyili.