SISHIYE kukhalwa isishingishane esihlasele kwacekeleka phansi inqwaba yemizi, izikole nezikhungo zikahulumeni ngempelasonto.
Ngokwemiko esaqoqwe aboMnyango wezokuBusa ngokuBambisana noBuholi boMdabu esifundazweni, ingu-130 imizi ecekeleke phansi komasipala abathathu abakhahlanyezwe yilesi siphepho esihlasele ezingxenyeni zeKwaZulu-Natal, kusukela ngoLwesihlanu, okubalwa kubo owaseBaqulusini, Dumbe nowasoLundi. Imizi engu-22 icekeleke phansi kwaphela nya ngayo. Kuthiwa zimbili izikole okusabikwe ukuthi zicekeleke phansi okuwuMongowenzeni Primary naseBantubaningi High.
Lo mnyango uthe bevile ku-700 abantu abasale dengwane ngenxa yalesi sigameko kwathi abane kubona basala bengenawo nhlobo amakhaya kanti bacuphe ezihlotsheni. Kuthiwa kuvele sekujutshwe amathimba ababhekelele izinhlekelele okuthiwa aqale ukusebenza ezindaweni ezikhahlamezekile ngawo uLwesihlanu ukusiza abagilwa ngokokwembatha, izijumbana zokudla nokunye okudingekayo.
UNgqongqoshe woMnyango, uNkk Bongiwe Sithole Moloi, udlulise amazwi okuzwelana nabakhahlanyezwe yilesi siphepho, wancoma abamathimba ezinhlekelele ngokusukumela phezulu.
“Kuyadabukisa ukuthi isimo sezulu siholele kulo monakalo omkhulu kangaka okubalwa kuwo nokucekeleka phansi kwamakhaya. Sithanda ukududuza bonke abalahlekelwe yimpahla yabo, sizobambisana neminye iminyango kahulumeni owezokuThuthukiswa koMphakathi, owezeMfundo nowezokuHlaliswa kwaBantu ukunikeza usizo oludingekayo,” kusho uNkk Sithole-Moloi.
IMeya kuMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, ithe yevile ku-200 imizi ekhahlamezekile ngaphansi kwasoLundi okugqame kakhulu indawo yaKwaCeza.
“Baningi abonakalelwa nawukudla, sesithi asibaphuthumisele njengomasipala ngethemba lokuthi okunye nokunye abakudingayo kuzolandela kusuka kweminye iminyango. Siyaqonda ukuthi izidingo zabantu kule mizi ekhahlamezekile zehlukene,ngakho siyadinga ukuthi iminyango kahulumeni isondele sibone ukuthi abantu bakithi singabalekelela kanjani,” kusho uNtshangase.