IZOWUQALA ngenyanga ezayo umsebenzi wokusiza ezikoleni intsha yaKwaZulu-Natal, ekhethelwe ukulekelela ngaphansi kohlelo lukamengameli lokuthola isipiliyoni emkhakheni wezemfundo kuleli.
Ozakwabo kwezinye izifundazwe baqale lo msebenzi izolo, kanti eKZN naseWestern Cape, bazoqala ngoMashi 1, nonyaka.
Okhulumela uMnyango weMfundo eyisiSekelo uMnuz Elijah Mhlanga, uthe laba basizi baqalile kwezinye izifundazwe izolo.
Uthe eqoqweni lokuqala kuya kwelesithathu, intsha ebalelwa ku-850 000 ethole isipiliyoni.
“Kuleli qoqo lesine ingu-250 000 intsha ezothola isipiliyoni. Iqoqo lokuqala kuleli elingu-150 000 liqalile ngoFebhuwari 1, elinye elingu-105 000 liqala ngoMeyi. E-KZN iqoqo lakhona lizoqala ngoMashi 1,” kusho uMhlanga.
Uthe iKZN iyona ezothola isibalo esikhulu sentsha ezosiza. Lesi sifundazwe sizothola u-58 500 wentsha ezosiza, kulandele i-Eastern Cape ngengu-40 100 neGauteng ngengu-40 000. I-Northern Cape iyona ezothola isibalo esincane ngentsha engu-7 000. UMhlanga uthe bagqugquzele izikole ukuthi zinike amathuba intsha ephila nokukhubazeka kanjalo namantombazane.
“Siyalele izikole ukuthi zibhekelele intsha ehlala endaweni lapho isikole sikhona. Senzela ukuthi le ntsha ingadingi ukuthi isebenzise imali uma kumele iye ezikoleni.”Uthe le ntsha yenza imisebenzi ehlukene ezikoleni okubalwa ukugqugquzela ukuthi kufundwe izincwadi neminye imisebenzi.
“Sifuna ukukucacisa kodwa ukuthi le ntsha akumele iphoqwe ukuthi ifundise iphinde ibhalise izivivinyo ngoba lowo umsebenzi wothisha.”
Uthe enye izobe iqinisekisa ukuthi izikole zihlanzekile futhi kumele kube khona abazogada uma isiyenza le misebenzi.
“Okunye esizokwenza wukucija le ntsha ukuthi ikwazi ukuphatha ngendlela labo bafundi abaphila nokukhubazeka. Sifuna ithi iphothula lolu hlelo ibe isinamakhono okukwazi ukuthi ingaqasheka.”
UMhlanga uthe nentsha eyayisiza phambilini iyaqhubeka nokuthola imali yayo esikhwameni salabo abangasasebenzi kuleli.