ABANTU abasha abasuka ezindaweni ezahlukahlukene ezakhele iTheku bavuselekile ngokufuna imisebenzi nokuyigcina ngenxa yokuqeqeshwa yinhlangano engenzi nzuzo iCareerBox eseMhlanga.
ABANTU abasha abasuka ezindaweni ezahlukahlukene ezakhele iTheku bavuselekile ngokufuna imisebenzi nokuyigcina ngenxa yokuqeqeshwa yinhlangano engenzi nzuzo iCareerBox eseMhlanga.
Omunye wabaqeqeshwayo uMnuz Mzokhona Mdlalose (19) uthe uyacabanga ukuthi angase athole umsebenzi ngokushesha manje njengoba esethuthukise indlela afuna ngayo umsebenzi, nokuzethemba.
“Ikhono esenginalo ngicabanga ukuthi libalulekile kunoma yimuphi umsebenzi,” kuchaza yena.
Omunye oqeqeshwe yile nkampani uMnuz Nkanyiso Masinga uthe yize eseneminyaka emithathu esebenza enkampanini asebenza kuyo naye ukujabulele ukuqeqeshwa ukuze athuthuke.
“Ngifisa ukuba umphathi wabasebenzi noma imenenja. Yingakho ngizimisele futhi ngithathe konke engikufunde kulama sonto amabili e-CareerBox ngiyokusebenzisa emsebenzini wami wansuku zonke,” kuchaza UMasinga.
Omunye wabaphathi benkampani uNkk Lizelle Strydom uthe ukuqeqeshwa kubandakanya izifundo zekhompyutha nokukhuluma ngokuzethemba.
Uphinde wathi le nhlangano ebambisene ne-call centre eseMhlanga i-CCI ikunikeza amathuluzi okusebenza ukuze uqashwe, uma ungaqashwanga i-CCI, iCareerBox iyakudlulisela kwezinye izinkampani abasebenzisana nazo ezidinga abantu ngaleso sikhathi.
“Le nkampani enabaphathi abane, kulaba abathathu bangabesifazane futhi njengami nabo baqala besebenza khona e-call centre, bakhula enkampanini ngoba kubonakala ukuthi bazimisele,” kusho yena.