ABUYELWE yithemba amalungu ekomiti elilwa nobugebengu eNanda ngokunqotshwa kwempi ebhekiswe kuwo, amaphoyisa ophiko lweNational Investigation Unit (NIU) ebulala osolwa ngokuwabulala.
Esigamekweni esenzeke kwa-C eNtuzuma okushone kuso nephoyisa, kubulawe abane okuthiwa omunye wabo usolwa ezigamekweni zokubulala abangu-12 okukhona kubo namalungu ekomiti elibhekele ukuphepha emphakathini.
Oyilungu lekomiti ocele ukungadalulwa exoxa neSolezwe, uthe bajabule ngokwenziwe amaphoyisa.
“Kubuyisa ithemba okwenziwe amaphoyisa ukuthi abulale lona wesilisa. Sifisa aqhubeke nokwenza umsebenzi omuhle,” kusho ilungu.
Uthe kwelabo ikomiti sekubulawe abayisithupha esikhathini esingangezinyanga ezimbili kuphela.
Uveze ukuthi bayakubonga ukungenela kwalolu phiko, wathi bafisa luqhubeke ngoba umsebenzi uyabonakala ikakhulukazi njengoba kubhekwe kuDisemba.
Ikhansela laseBhambayi, uMnuz Vusi Mngadi, lithe kulesi sibalo esishiwoyo sababulewe bamakomiti, ababili babo abasewadini yakhe.
“Umsebenzi wamaphoyisa ukuvikela abantu ngakho yiwona azi kangcono ukuthi akwenza kanjani lokho. Esingakusho nje thina sijabule ngomsebenzi wawo, awaqhubeke asebenze. Thina esikufunayo ukuthi kunciphe ubugebengu,” kusho yena.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele indawo yesigameko, liqaphele ukuthi umuzi okudutshulelwe kuwo abasolwa unemiqasho eceleni, kodwa lapho okuthiwa badutshulelwe khona, isendlini enkulu enamagumbi amane.
Liqaphele ukuthi umnyango namawindi bekufile, bekukhala ibhungane egcekeni.
Amalungu omphakathi okukhona kuwo nomakhelwane bebengafuni ukuphawula, bethi bathukile futhi bayasaba.
Isolezwe lithinte osekomitini lomphakathi, uMnuz Mandla Ngcobo othe ngeke ande kakhulu ngamazwi kodwa abakutholile ukuthi abasolwa bebeqashile futhi besanda kufika.
“Umnikazi womuzi washona, laba bebehlala phakathi endlini yakhe. Ezinye iziqashi zisitshele ukuthi nazo azibazi kahle, ezikwaziyo nje ukuthi nabo bebevuka bahambe njengawo wonke umuntu obevuka aye emsebenzini,” kusho uNgcobo.