IZIHLATHI zizovakashela izindlebe kwabahamba ngamabhanoyi njengoba i-Airlink, isimemezele ukuthi ayabuya amabhanoyi ayo asuka eThekwini aye eBloemfontein.
I-Airlink ithe amabhanoyi ayo asuka esikhumulweni samabhanoyi iKing Shaya, eThekwini, aye eBloemfontein azoqala ukutholakala ngoFebhuwari 26.
Iveze ukuthi ukubuyisa amabhanoyi asuka eThekwini kuyingxenye yokwandisa imizila yabo njengoba kukhona ahambela eGoli, eGqeberha, Mbombela naseHarare (eZimbabwe).
Amabhanoyi asekuseni aya eBlomefontein azotholakala njalo ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu bese kuthi ahamba ntambama atholakale zonke izinsuku ngaphandle ngoMgqibelo. Amathikithi alo mzila aseqalile ukudayisa.
“Sithole izingcingo kubantu abahambela lo mzila sase sibona ukuthi asibuyise amabhanoyi. Sithole ukuthi abawasebenzisayo basuke beyela ibhizinisi eBloemfontein njengoba kugibela osomabhizinisi nabasemkhakheni wezomthetho. Sinethemba lokuthi ukubuyiswa kwala mabhanoyi kuzothuthukisa ezomnotho nezokuvakasha phakathi kwamadolobha esihambela kuwo,” kusho isikhulu esiphezulu se-Airlink, uMnuz Rodger Foster.
Uthe bazosebenzisa amabhanoyi esimanje kanti abagibeli bazokwazi ukuthi umthwalo wabo owu-20kg bahlale nawo mahhala nowu-15 kg wezemidlalo uzobe uvumelekile.
Abagibeli bazobuye banikwe ukudla kwamahhala kula mabhanoyi okuthiwa makhulu futhi kuhlaleka kahle kuwona.
UFoster uthe abanazo izihlalo eziphakathi nendawo ngakho abagibeli bahlala benethezekile ngaso sonke isikhathi.