KUSHAQEKE abaningi kubulawa undlunkulu ngemuva kwezinsuku ezimbili kusanda kutshalwa inkosi eyahlaselwa ngeledlule.
Imibiko evelayo ithi unkosikazi weNkosi uClyde Mnisi uhlaselwe ngabantu abangaziwa emzini wabo eMkhuhlu eBushbuckridge ngoLwesibili ngo-10 ekuseni.
Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi kulimale namadoda amabili angamalungu omndeni. UBrigadier Selvy Mohlala okhulumela amaphoyisa eMpumalanga uthi la madoda alimele aphuthunyiswe esibhedlela.
“Amaphoyisa aphenya icala lokubulala namabili okuzama ukubulala ngemuva kokutholakala kwesidumbu sikandlunkulu sidindilizile endaweni yesigameko, amadoda amabili alimale kulesi sehlo, aphuthunyiswe esibhedlela,” kusho uMohlala.
Amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa kanti acela umphakathi ulekelele ngolwazi olungasiza, ngokushayela kule nombolo 0860010111 noma onolwazi avakashele esiteshini samaphoyisa esiseduze.
Undlunkulu ubulawa nje bekusanda kutshalwa inkosi uMnisi naye owahlaselwa ngabantu abangaziwa ehamba eWhite River buqamama nesikhumulo sezindiza iKruger-Mpumalanga International Airport ngoMashi 26.
UMnisi wayehamba nomshayeli wakhe ngesikhathi beqhunyelwa yisondo lemoto. Ngesikhathi besamile belinde usizo behlaselwa amadoda amahlanu ehlome eyizingovolo ehamba ngemoto yohlobo lweBMW X5.
Kuthiwa la madoda aqonda ngqo ohlangothini lo mgibeli lapho kwakuhleli khona uMnisi avulela ngenhlamvu, umshayeli wakhe wadubuleka emlenzeni kodwa wasinda.