KUDUTSHULWE kwabulawa abantu abathathu esigcemeni kwa-Q eMlaza, entathakusa ngoMsombuluko.
Kusolakala ukuthi ingxabano ebushubile kubangwa isibhamu iphethe ngokuthi indoda idubule enye yashona.
Amabili angomakhelwane, kubikwa ukuthi athelwe amachaphazelo njengoba edutshulelwe ukuthi abone kudutshulwa owokuqala.
Ikhansela lendawo eku-ward, 87 eThekwini, uMnuz Brian Sindane, lithe libikelwe ukuthi isixakaxaka siqalwe ngabantu ababili abebekade bebanga isibhamu.
USindane uthe kube isigameko esithusayo esenzeke ngalapho kunekomiti eliqapha ubugebengu emphakathi eselivuthiwe.
“Isigameko senzeke eduzane kwendawo yobumnandi esanda kuvulwa. Ngizobiza umhlangano wezinhlaka ezilwa nobugebengu emphakathini ngenhloso yokuxoxa nomnikazi wejoyinti ukuze kutholakale isisomblulo. Bazophela abantu uma isimo siqhubeka ngale ndlela,” kusho uSindane.
Ukhale nangokungabonakali kwamaphoyisa ephithizela emphakathini eqaphe ubugebengu. Uthe noma zibanjwa izigebengu zigcina zidedeliwe ngoba amaphoyisa awafiki uma ebiziwe, kunalokho akhala ngokushoda kwamaveni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya amacala amathahu okubulala.
UNetshiunda uthe kushone amadoda aneminyaka ephakathi kuka-33 no-65.
Uqhube wathi imibiko ithi kuqale kwezwakala amadoda abekade exabana okulandelwe umsindo wokuqhuma kwesibhamu.
“Izidumbu ezimbili zitholakale eduze nomuzi, esesithathu sitholakale emgwaqweni uMasethole. Njengamanje kayaziwa imbangela eholele kulokhu kubulala futhi akaziwa umsolwa ungubani,” kusho uNetshiunda.