KULINDELE ukuthi avele enkantolo maduze umsolwa wesilisa wasePolokwane ngecala lokubulala ngempelasonto. Kubikwa ukuthi lo msolwa (33) ubesebenza esitolo esiseRefiloe Station eMamaila ngoMgqibelo.
Umsolwa kuthiwa ugence umufi (25) ngesikhali esicijile. Okhulumela amaphoyisa uColonel Malesela Ledwala, uveza ukuthi amaphoyisa athole umbiko ngowesilisa otholwe elimele kanzima.
"Amaphoyisa aphuthume endaweni yesigameko, afica umgilwa elimele kakhulu engasakwazi nokukhuluma. Kubizwe i-ambulensi ngokushesha endaweni yesigameko, waphuthunyiswa esibhedlela iNkhesani ukuze athole usizo ngokushesha. Umgilwa ugcine eshona ekhona esibhedlela ngenxa yokulimala," kusho uCol Ledwaba.
Ngesikhathi amaphoyisa ephenya athole ukuthi umufi ubevame ukufika esitolo njalo athathe izinto ezidayisayo ngaphandle kokukhokha, bese esabisa nomsolwa.
Kwenzeka lesi sigameko nje ubezokwenza okufanayo, athathe izimpahla angakhokhi. Yilapho okubikwa ukuthi umsolwa ubesemgenca ngesikhali esicijile.
Kuthiwa umsolwa ubevala esitolo maqede wadla phansi, okuholele ekutheni amaphoyisa amthungathe. UCol Ledwaba uthe umsolwa ubanjwe eBolobedu ngaphansi koMkhandlu waseMopani ngeSonto.
"Umsolwa uzovela maduze eNkantolo yeMantshi eBolobedu ngecala lokubulala. Amaphoyisa ayaqhubeka nokwenza uphenyo," kusho uCol Ledwaba.