UFE ujuqu umsolwa okuthiwa ubedubulana namaphoyisa, obefunwa uthuli ngamacala okubulawa ngesihluku kowayeyintombi yakhe eyayisimalile nodadewabo, abahlaselwe bekubo Obuka, eMelmoth ngonyaka odlule
UMnuz Sibonelo Xulu (30) kuthiwa uthelwe othulini ngamaphoyisa ngesikhathi etheleka engazelele lapho ebebhace khona eCato Crest, eMayville izolo ekuseni. Kuthiwa ngesikhathi amaphoyisa esondela, udonse isibhamu wadubula ebhekise kuwona, nawo aphendula ngendlela efanayo, amdubula. Ubefunelwa ukubulala uNksz Nomvula Zulu (33) owayeyintombi yakhe nodadewabo uNksz Noluthando Zulu (20) abahlaselwa besele bodwa nezingane ezincane ngoNovemba, 19 nyakenye.
Lesi sigameko sashiya amalungu omphakathi engawuvali umlomo. Umsolwa kuthiwa wanikela kubo kowayeyintombi yakhe (uNomvula) eyayisimalile, eyiphoqa ukuthi ivule endlini. Ngesikhathi yenqaba, kuthiwa wabulala iwindi wangena ngalo, waqala ukudubula abagilwa ababesele bodwa nezingane ezincane njengoba kuthiwa abazali babehambele umngcwabo wesihlobo owawukwesinye isigodi. Kuthiwa wathatha namafoni abo.
UNomvula washonela endaweni yesigameko kwathi uNoluthando washona emva kwezinsuku ezimbalwa engeniswe esibhedlela. UNoluthando kuthiwa wuye owabhala isitatimende emaphoyiseni echaza ngakho konke okwenzeka ngaphambi kokuthi ashone, waveza igama likamsolwa. Kusukela ngosuku lwesigameko kuthiwa umsolwa wabaleka endaweni. Inkantolo yeMantshi yaseMelmoth yakhipha incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe. Bekunemibiko yokuthi ubebuye abonakale endaweni ngezikhathi ezithile. Umndeni uveze ukuthi uhleli lubhojozi ngesikhathi esagcwele emathafa, kanti kuthiwa ubebuye athumele imiyalezo yokwesabisa kwelinye ilungu lomndeni, elisongela ngokulibulala, okuphoqe ukuthi uyise wabagilwa acele izinsuku emsebenzini eyogada umndeni wakhe obuhlalele ovalweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenat Colonel Nqobile Gwala, uthe umsolwa obefunwa ngamacala okubulala nokubamba inkunzi, utholwe nesibhamu nezinhlamvu ezintathu, kanti lolu daba selubikiwe ophikweni olubhekele ukuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate.