LISALE enkundleni iphoyisa ebelisebenza esiteshini samaphoyisa saseMlaza, elidutshulwe eMega City lihamba nozakwabo ababili.
Kuthiwa kulimale elilodwa, laphuthunyiswa esibhedlela, elesithathu liphume lingenamyocu.
Ngokusho komthombo, abagilwa ebebesemsebenzini, baphume ngemoto yamaphoyisa esiteshini abasenza kuso uMlaza SAPS beyoqapha ubugebengu endaweni. Kuthiwa badlule endaweni yokuthenga ukudla okuvuthiwe eMega City.
Kuthiwa bekuyizithuba zawo-8 ebusuku ngesikhathi behlaselwa.
“Kuthiwa bathe besashayela besondelela eMcDonald, kwaqhamuka amadoda amabili asondela ngasemotweni ebebehamba ngayo. Kuthiwa oyedwa emadodeni, ukhiphe isibhamu wadubula amahlandla amahlanu ebhekise kubagilwa,” kusho umthombo.
Kuthiwa ezimbili izinhlamvu zidubule umufi, okunguye obeshayela imoto yamaphoyisa. Eyodwa kuthiwa imdubule esihlathini, enye yamdubula entanyeni.
Kuthiwa enye inhlamvu idubule uzakwabo ehlombe, obehleli phambili eduze kukamufi.
“Kuthiwa emva kokudutshulwa, umufi uzamile ukuqhubeka ashayele imoto, ebaleka endaweni yesigameko. Kuthiwa ubaleke waya ngaserobhothini okuthe uma ejika lapho, yamphunyuka imoto. Uzakwabo obeseduze kwakhe uzamile ukungenela ngokuthi aphendule isiteringi, imoto yahlehla yaze yayoma ngasohlangothini lwesokudla lwerobhothi,” kusho umthombo.
Uthe iphoyisa ebelilimele liphuthunyiswe esibhedlela.
Abasolwa kuthiwa babalekile endaweni yesigameko emva kokudubula.
Abagilwa kuthiwa bebesebenza ngaphansi kophiko oluqapha ubugebengu, iCrime Prevention.
Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, uColonel Athlenda Mathe, uthe amaphoyisa KwaZulu-Natal asekhiphe zonke izinsizakusebenza ukuze kuboshwe abasolwa ngokuhlasela amaphoyisa.
"Amaphoyisa asephume inqina ukuthungatha lezi zigilamkhumba. Acela nosizo lomphakathi ongaba nolwazi ngokuhlaselwa kwamaphoyisa, ukuthi beze ngaphambili bazonikezela ngolwazi abanalo, ukulekelela amaphoyisa ophenyweni lwawo," kusho uMathe.
Uthe ubuholi obuphezulu emaphoyiseni buyasigxeka senzo. Uthe ukubulawa kukamufi kwenzeke sekusele izinsuku ezimbalwa kwenziwe umcimbi okuhloswe ngawo ukuthi kukhunjulwe amaphoyisa abulewe onyakeni wezimali odlule.
Uveze ukuthi angu-33 amaphoyisa abulawe ngonyaka wezimali odlule.
"Umengameli wezwe kulindeleke ukuthi abe yingxenye yaleso sikhumbuzo. Amaphoyisa wona azosebenzisa lelo thuba ukunxusa amalungu omphakathi ukuthi kusetshenziswane ekulweni nokubulawa kwamaphoyisa," kusho yena.