UVUKE umbhejazane ngoLwesine ebusuku, umphakathi waKwaDabhazi, KwaNongoma, washisa indlu maqede wahlasela wabulala uSphesihle Mgabhi, umsola ngokuthi wakhunga esihlahleni, uNksz Bongeka Khumalo (17).
UBongeka, owayehamba uMkhosi woMhlanga, watholakala ekhungiwe esihlahleni esiseduze endaweni.
Kusukela lapho kuthiwa umphakathi ubukhononda futhi ulibeka ngembaba elokuthi, nguSphesihle obulale uBongeka ngoba bebethandana.
Ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, amalungu omphakathi ngoLwesine ebusuku, ahlangane ndawonye avumelana ngokuhlasela ibhungu alisolayo. Kuthiwa afike angabuza lutho, angena ephethe lonke uhlobo lwesikhali amhlasela ngesihluku. Kuthiwa isidumbu sakhe besinamanxeba amaningi.
Umngani kaSphesihle, uMncedisi Cebekhulu, kuthiwa kwembulwa kwembeswa kuye esibhedlela. Ngemuva kokuhlasela, kuthiwa amalungu ayehamba ehlabelela kwaba sengathi alukho olubi alwenzile. Kuthiwa ayehlabelela eya ngakubo kukaBongeka, ngokusho komthombo ocele ukuba ungagagulwa ngegama.
Umthombo uthe simanzonzo isimo endaweni ngoba kuvunguza umoya wempi phakathi komndeni kaBongeka, nokaSphesihle.
Induna yendawo uMnuz Khumalo (enqabile negama layo), ithe bakhathazekile ngoba isimo sibonakala siphuma esandleni. Ihe ubuholi bendawo buzohlanganisa amakhanda, budingide ukuthi lolu laka lomphakathi bungaluqeda kanjani. Umndeni kaBongeka uzanyiwe ngocingo kodwa wangaluphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala usiqinisekisile isehlakalo. Uthe amaphoyisa aKwaNongoma aphenya icala lokubulala nelokulimaza impahla. Uthe kuvulwe nelinye icala lokuzama ukubulala.