KUSOLWA ukuthi bekufunwa owesilisa ofike ngemoto enowesifazane odubulekile eHlane eCentocow, ngokudutshulwa kubulawe abesilisa bendawo bezama ukusiza ngoMgqibelo ebusuku.
Endaweni yesigameko kuthiwa kushone uMnuz Philasande Chiya, okuthiwa ubezama ukuhlenga owesifazane obedutshuliwe. NgoMsombuluko kushone owesibili uMnuz Ntandoyenkosi Langa, obephuthunyiswe nabanye ababili esibhedlela, okukhona kubo nowesifazane obeficwe emotweni.
Ngokusho komthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, umufi ushayele unina ucingo ebusuku ngosuku lwesigameko.
“Umtshele ukuthi ubona kukhona imoto emi ngaphandle egcekeni lakubo, wayalela unina ukuthi aphume ayobheka. Ngaleso sikhathi yena ubesesitolo sendawo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi, unina kamufi uphume wayoyibheka imoto, wafica kunowesifazane obehleli esihlalweni esiseceleni kwesomshayeli, edutshuliwe.
“Ubuyisele ucingo endodaneni eyibiza ukuthi ize izomlekelela ngoba emotweni efice owesifazane odutshuliwe, odinga usizo,” kusho umthombo.
Uqhube wathi lona wesilisa uze egijima ezosiza, benonina kwase kufika abanye abathathu bendawo.
“Bebesamsiza lona wesifazane, bembizela nabosizo oluphuthumayo ngesikhathi kufika enye imoto, ebinamadoda amathathu, afike avulela ngenhlamvu kulaba ebebethi bayasiza,” kuqhuba umthombo.
Uthe yilapho okugcine kushona khona uChiya, kwathi abanye abathathu baphuthunyiswa esibhedlela.
Udalule nokuthi basola ukuthi umuntu obefunwa uthuli owesilisa obeshayela imoto, okuthiwa ucele empunzini emva kokupaka imoto endaweni yesigameko, eshiya owesifazane olimele kuyo.
Uphinde wathi bathole ukuthi imoto ibisuka ePlangweni, okuyindawo ekhona eCentocow.
Ikhansela lendawo, uMnuz Nhlanhla Dlamini eqinisekisa isigameko, uthe umphakathi usashaqekile nokho wathi abethukile kangako njengoba besola ukuthi abahlaseli bebehlose abebesemotweni.
“Nokho izigameko zokudutshulwa kwabantu ewadini seziqala ukusikhathaza, ngoba sezivamile. Ngeledlule emhlangalweni we-war room kuze kwaphakanyiswa indaba yokuthi kusungulwe iCPF,“ kusho uDlamini.
Uveze ukuthi akukaziwa ukuthi umshayeli uphelelephi kanti imoto igcine ithathwe ngamaphoyisa.
Imizamo yokuthola umndeni kamufi ayiphumelelanga. Owesifazane otholwe emotweni kuthiwa uphuthunyiswe esibhedlela elimele.
Amaphoyisa athunyelelwe imibuzo ngalolu daba kodwa kuze kwashaya isikhathi sokuchicilela engakaphenduli.