AMAPHOYISA athele othulini amadoda amabili okukholakala ukuthi adubule kwafa abayisithupha eDumaneni oLundi ngempelasonto.
Ababulewe, bahlaselwe ezigamekweni ezimbili ezehlukene besemakhaya
Esigamekweni sangeSonto, kudutshulwe kwabulawa abashadile uMnuz Mandlenkosi Mayise (66) noNkk Delisile Mayise (63) namadodakazi abo angothisha endaweni okungoNksz Phemile Mayise (36), Bongathini Mayise (34) noPhindile Mayise (29). UPhindile kuthiwa washonela endleleni eya esibhedlela.
Esigamekweni sesibili, esenzeka ngoLwesihlanu ebusuku, kwadutshulwa kwafa umfana wakwaBiyela oneminyaka engu-16. Yena kuthiwa wadutshulwa abasolwa abavele bavumbuka ekhaya, beqeda kungena ngemoto namanye amalungu omndeni bebuya ndawana thize.
FUNDA NALOLU DABA:
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ophiko lweNational Intervention Unit (NIU) athole umkhondo ngezinkabi ezibandakanyeka ekubulaweni kwabagilwa.
Uveze ukuthi umkhondo uholele amaphoyisa komunye umuzi osesigodini saseNcayini KwaYanguye, eMelmoth ngoLwesibili.
“Amaphoyisa athe uma engena kulo muzi, kwaqhamuka amadoda amabili endlini karawondi, avulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni,” kusho uLt Col Gwala.
Uveze ukuthi abasolwa abaneminyaka elinganiselwa kwengu-30 bafele endaweni yesigameko.
Udalule ukuthi amaphoyisa athole i-revolver nesibhamu esikhulu nezinhlamvu ezingu-24 kubasolwa.
“Ngesikhathi eqhubeka ebheka endlini karawondi, athola amaselula amane, izinhlamvu ezine ze-shortgun, i-shortgun, uqhwasha, i-pistol nezingxenye ze-revolver,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe zonke izibhamu ezitholwe amaphoyisa zizothunyelwa kwabahlola izibhamu ukubheka ukuthi awekho yini amacala ezibandakanyeka kuwo.
Uthe icala lokubulawa kwabasolwa libikiwe ophikweni oluphenya amacala athinta amaphoyisa, i-IPID.