AMAPHOYISA akholelwa ukuthi amadoda amabili ashone ngesikhathi edubulana nawo eNewlands East, eThekwini, ayathinteka ezehlakalweni eziningi zobugebengu.
Kuthiwa ngoLwesihlanu ekuseni emgwaqweni uM7 ngaku-Edwin Swales Drive, izigebengu ziphange imoto ethutha impahla zashaya zachitha nobekuphakathi kuyona.
Kuvela ukuthi kuhlatshwe umkhosi yabizwa emoyeni imoto abaleke ngayo la madoda okuthe ngokuhamba kosuku yakhonjwa eNewlands East.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe kube sekuhlangana izinhlaka ezahlukene zamaphoyisa nonogada kwathungathwa la madoda.
UNaicker uthe la madoda kuqale wona avulela ngenhlamvu ebhekise emaphoyiseni nawo aphindisela kwadutshulwana.
“Iwaphunyukile imoto abebaleka ngayo la madoda eshayisile maqede aphuma abaleka ngezinyawo. Aqhubekile la madoda adubula amaphoyisa ngesikhathi esebaleka ngezinyawo,” kusho uNaicker.
Udalule ukuthi amadoda amabili agcine ethelwe othulini ngenhlamvu, amanye abaleka angena ehlathini eliseduzane angatholakala ngisho esebhekwa yizinja ezihogela umkhondo.
“Luyaqhubeka uphenyo olunzulu mayelana nalesi sehlakalo futhi abaseshi bakholelwa ukuthi la madoda ayathinteka kwezinye izehlakalo zobugebengu eThekwini namaphethelo,” kusho uNaicker.
Kwesinye isehlakalo kuboshwe amadoda amane asolakala ngokuba izinkabi athweswa amacala okuzama ukubulala.
La madoda aneminyaka ephakathi kuka-25 nengu-31, kuthiwa aboshwe ngoLwesihlanu emzini okuCordia Crescent, eMhlanga, lapho abekade ecashe khona.
Kuvela ukuthi uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kulo muzi lapho evundulule khona nesibhamu esikhulu nezimbili ezincane nezinhlamvu ezingu-94.
Amaphoyisa athi la madoda abekade efunelwa isigameko sokubulala okuthiwa senzeke ngoLwesithathu olwedlule eNsuze, eBhamshela.
Kuthiwa indoda ena-41 eyayishayela imoto yavukelwa ngamadoda ayidubula imilenze kodwa yakwazi ukubaleka yayovula icala emaphoyiseni.
Abasolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaKwaMaphumulo maduze.