KUFE abantu abahlanu ezehlakalweni ezimbili zokudubula ezenzeke ezingxenyeni zeTheku, izolo.
Isehlakalo sokuqala senzeke emgwaqweni uCarters Avenue, eBerea.
Esitatimendeni sabezimo eziphuthumayo be-Emer-GMed, bathe bafike endaweni yesehlakalo bafica abesilisa ababili abebenamanxeba amaningi okudutshulwa
.Kuthiwa oyedwa wabo ubeseshonile endaweni yesehlakalo, omunye ubesesimeni esibucayi.
Kuvela ukuthi owesilisa obesaphila ube esexilongwa waxhunywa nemishini ebimlekelela ukuthi aphefumule kodwa emuva kwesikhashana kwamenela.
Isehlakalo sesibili kuthiwa senzeke ngo-2.30 ntambama, emgwaqweni uPeters, eSpringfield Park.
Three people shot dead in Springfield Park, Durban. Motive unclear. Appears to be be a hit. #CrimeWatch pic.twitter.com/SrJagX2rSv
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) March 21, 2023
Le nkampani idalule ukuthi kushone owesilisa nowesifazane, kwalimala kanzima intombazane abebekade behamba nayo emotweni iVW Amarok negcine ishonela esibhedlela.
Le moto kuthiwa ibikade igugiswe ngoyaba lwezinhlamvu zohlobo lwesibhamu esikhulu.
“Ababili abebekade behamba ngale moto behleli ezihlalweni zangaphambili, okungowesilisa nowesifazane, bashonele endaweni yesehlakalo. Intombazane ebikade ihlezi esihlalweni sangemuva ilimale kanzima,” kusho le nkampani.
Isitatimende siveza nokuthi ixilongiwe yaxhunywa imishini eyilekelela ukuthi iphefumule kwazise beyisimelwe yinhliziyo, ngenhlanhla yavuka.
“Iphuthunyiswe ngeambulensi esibhedlela esiseduzane ukuze iyothola usizo lwezempilo oluthe thuthu, kodwa ngeshwa yaphangalala isifikile esibhedlela,” kuchaza isitatimende.
Abase-Emer-G-Med bathi kayaziwa imbangela yalezi zigameko zokudubula kodwa amaphoyisa afikile ezindaweni zezigameko aqala uphenyo lwawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe kuphenywa amacala amabili okubulala emuva kokudutshulwa kubulawe osomatekisi ababili ekhoneni lomgwaqo uCannogate noCarters, eBerea.
Uthe imibiko iveza ukuthi abantu ababili bebekade behlezi etekisini ngesikhathi bevukelwa amadoda adubule ebhekise kubona ngesibhamu esikhulu nesincane.
Esigamekweni sesibili, uthe kudutshulwe kwabulawa owesilisa ona-42 nenkosikazi yakhe eneminyaka engu34, indodakazi yabo iphuthunyiswe esibhedlela.
“Uphenyo lwesikhashana luveza izinsolo zokuthi owesilisa ubekade emdibimunye neqembu lezigebengu ebelidayisa izidakamizwa eChatsworth,” kusho uNetshiunda.
Uthe kunamacala aphenywa oKlebe kanti umufi ubekade engumuntu obekusabhekeke ukuthi aphenywe.