Kudutshulwe kwabulawa abantu abayisithupha abavikela umphakathi kuQumbu, e-Eastern Cape, ngeSonto ebusuku.
Kuthiwa lesi sigameko senzeke ngabo-10.45 ebusuku lapho amadoda ayisishiyagalombili abehlome ngezibhamu evulele ngenhlamvu equlwini labantu abazulazula emphakathini ngenhloso yokuwuvikela.
Kufe abayisithupha abane baphuthunyiswa esibhedlela.
“Kuthiwa abagilwa bebesesikoleni sendawo belungiselela ukuphuma baqalaze emphakathini ngesikhathi behlaselwa. Abasolwa abangaziwa basagcwele amathafa futhi imbangela yokudubula kwabo ayikaziwa,” kusho okhulumela amaphoyisa e-Eastern Cape, uWarrant Officer Majola Nkohli esitatimendeni.
UKhomishana wamaphoyisa kulesiya sifundazwe uLieutenant General Nomthetheleli Mene usigxekile lesi sigameko.
“Sikhiphe zonke izinsiza zethu futhi sikhathazekile ngalabo abasiza amaphoyisa ngoba bayahlaselwa. Sizokwenza konke okusemandleni ukuthi abadubulile baboshwe. Njengombutho siyasigxeka lesi sigameko futhi sidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabafi. Sithanda nokufisela abalimele ukululama okusheshayo,” kusho uLt Gen Mene.