ZIMKHALELE owesifazane owumzanyana osolwa ngokweba usana olunezinyanga eziyisikhombisa, abelugada washaya wachitha nalo nezimpahla zalo konke nesitifiketi salo sokuzalwa.
Umthombo olwazi kahle udaba, uthe umzanyana uqoqe izingubo samuntu oyowasha kanti usehamba nosana ngaphandle kwemvume yomndeni.
Usana lwebiwe ngoLwesibili lwatholakala ngoLwesine, oThongathi, kwaboshwa umzanyana ngecala lokuthumba.
Unina wosana ubememezele kuFacebook enameke nezithombe ecela ukufuniswa lo wesifazane owebe usana.
Isolezwe lithole ukuthi ilungu lomndeni ebelikhona libone kuthe nya, laqalaza laze lakhathala kanti useshaye wachitha nosana umzanyana.
UNksz Zibuyile Gumede uthe umhlolo awugilwe wumzanyana, impela uyowukhohlwa efile.
Uthe lo mzanyana wayemthole ngesihlobo sakhe ababehlala naso emqashweni wasemcela ukuthi amgadele ingane.
Uqhubeke wathi umzanyana washeshe wafika ukuze abone kahle ekhaya, ajwayele ngaphambi kokuqala ngokusemthethweni emsebenzini.
“Bebezwana kahle kakhulu nengane yami konke kuhamba kahle.
“Usisi wami kodwa uke wangitshela ukuthi lo muntu ogada ingane wamxoxela ukuthi ufunwa ngesibhamu wumyeni abeshade naye, badivosa.
“Kwaba yinto ekhathazayo kumuntu ogada ingane uma kuzwakala esho kanjalo,’’ kusho uNksz Gumede.
Uthe njengoba kade enyamalele nosana nje ubengenayo ngisho iselula futhi abazi okutheni ngaye, wazi ukuthi owaseNtaphuka, eNdwedwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa abophe owesifazane ngalolu daba.
“Amaphoyisa aseMhlali abophe owesifazane ngecala lokweba usana, uboshelwe oThongathi.
“Idokodo ladluliselwa emaphoyiseni aKwaDukuza abhekene namacala odlame lwemindeni, ukuvikelwa kwezingane nawocansi. Umsolwa uzovela enkantolo maduze,’’ kusho uConstable Ngcobo.
Umthombo obukhona kutholwa ingane kumzanyana, uthe batholwe emzini thizeni ongahlali muntu oThongathi.
Ngesikhathi kufika amaphoyisa kuthiwa umzanyana uzenze umuntu ophanjanelwa yikhanda ekhuluma izinto ezingahlangani.
“Uvele wathi wumzukulu wakhe le ngane futhi ubaleke nayo ngoba bebehlela ukumbulalala yena nayo. Le ndawo ahleli kuyona wumuzi nje ongahlali muntu. ”Ubanjwe ngokuthi acele ukubeka amanzi komakhelwane, base beyasola,’’ kusho umthombo.
Unina wengane ubonge kakhulu kubo bonke abalekelele ekutheni kutholwe usana lwakhe, wathi basaphikelele esibhedlela ukuze luxilongwe ukuthi luphile kahle yini.