KUSOLWA ubudedengu kumshayeli weveni ngengozi yomgwaqo enyantisayo okushone kuyona iphoyisa ngaseDarnall, KwaDukuza.
Kule ngozi okushayisane mahlanze iveni nemoto encane, eyenzeke emgwaqeni uR102 ngoLwesibili ekuseni, kushone iphoyisa lomgwaqo, u-Assistant Superintendent Colin Sibusiso Zulu (54).
Kubikwa ukuthi le ngozi yenzeke ngesikhathi uZulu nabanye ozakwabo belungiselela ukwenza isivimbamgwaqo.
Kuthiwa kunemoto ebihamba ohlangothini lomgwaqo olubheke edolobheni.
Ngakolunye uhlangothi kuneveni ebelikade lizophambana nayo, okubikwa ukuthi belijikela ohlangothini lwangakwesokudla lizongena lapho ebeliya khona.
Le veni kuthiwa ayimanga, ivele yangena phambi kwale moto eyishayise yaphaphalaza yaphuma ngaphandle komgwaqo yayogibela phezu kukaZulu emshaye wayongena esikhotheni.
Kuthiwa umufi ubekade opha kakhulu wagcina eshonele endaweni yesahlakalo sekufike nabosizo oluphuthumayo.
UMnuz Thokozani Zulu ongumfowabo omncane kamufi futhi abebesebenza naye embuthweni wamaPhoyisa kwaMasipala, uthe ingozi yenzeke phambi kwakhe eza ngemoto ezosebenza nomfowabo.
Usole umshayeli weveni ngokushaya indiva umthetho womgwaqo ngoba akazange ame adedele le moto ashayisane nayo.
“Ubudedengu bale ndoda eboshiwe obudale ingozi ngoba umgwaqo uqondile, awunamajika futhi izulu belilihle nje kucace bha. Abasebenzi bakamasipala bayakhala ngokudlula emhlabeni komfowethu,’’ usho kanje.
Uchaze umfowabo njengomuntu obemazisa omunye umuntu, elungile futhi engezwani nomsindo. Uthe ushiye emhlabeni abantwana bakhe ababili njengoba unkosikazi wakhe sewashona.
IMeya kaMasipala waKwaDukuza, uNksz Lindile Nhaca, idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaZulu yathi bazohlala bemkhumbula umufi.
Udalule ukuthi umufi uqale ukusebenzela lo masipala kusuka ngo-Septhemba 1994 ezinikele emsebenzini wakhe.
Kwenzeka lesi sigameko nje ngenyanga edlule kudutshulwe kwabulawa iphoyisa lalo mkhandlu lisemsebenzini, uSuperintendent Eddie Boaventura kuthelawayeka uN2 eBlythedale Beach.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isigameko sokushona kwephoysa ebelisemsebenzini, wathi kuboshwe umsolwa oneminyaka engu-31.
Udalule ukuthi luyaqhubka uphenyo lwamaphoyisa mayelana nesehlakalo.