KHETHA SANGWENI
UFUNA ingonyuluka uyise wethwasa okuthiwa lishaywe wugobela walo laze lashona kubangwa inyama yenkukhu okuthiwa iphekwe yithwasa ngaphandle kwemvume.
Ithwasa, uMnuz Njabulo Mthethwa (26) waseBhubhubhu, kwesaKwaMthethwa, eMpangeni, ubethwasa esigodini KwaSoya, ngasoShwashweni, ngaphansi kwenkosi eyodwa.
Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, ithwasa lipheke amaqatha enyama yenkukhu kagobela walo ngaphandle kwemvume emasontweni adlule. Kuthiwa ugobela wavuka indlobane washo ukuliqeda ithwasa, walishaya laze lashona emzini wakhe.
Kuthiwa kutholakale isidumbu sethwasa sidindilize echibini legazi kubonakala ukuthi lishaywe kanzima laze laphangalala.
Uyise kamufi, uMnuz Jabulani Mthethwa, uthe indaba yokuthi babange inyama ayikho, yena usola ukuthi ugobela ube nomona ngoba idlozi likamufi belinamandla kakhulu ledlula elakhe.
“Cha kufanele akhulume nje yena ngoba usacasha ngesithupha okwamanje, ayikho indaba yokuthi babange inyama. Ngiyasola nje uvukwe wumona ngoba umfana wami enamandla kakhulu kunaye.
“Ngiyacela umthetho ungilekelele lo muntu aboshwe kakhulu futhi ngifuna aphucwe amalungelo okusebenza abantu,’’ kusho uMthethwa.
UMthethwa uthe umfana wakhe bese kusondele ukuthi aphume ayoqala ukusebenza ngoba ubesehlale izinyanga eziyisishiyagalombili ephehlweni. Uthe simshaqile lesi sigameko ngoba ubengakaze ezwe ukuthi kabaphathene kahle ngaphambi kwaso, yikho esola umona.
UMthethwa uthe indodana yakhe ingcwatshiwe kodwa into eyomnika ukuphumula emoyeni wukuthi kwenzeke ubulungiswa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Robert Netshiunda, uthe udaba selusenkantolo.
“Kunecala lokubulala eliphethwe ngamaphoyisa asesiteshini KwaMbonambi, emuva kokuthi owesilisa oneminyaka engu-26 etholakale elele echibini legazi.
“Ube nezibazi emzimbeni, uphenyo luholele ekuboshweni kowesilisa oneminyaka engu-32, wavela eNkantolo yeMantshi KwaMbonambi. Ubesagqunywe esitokisini,’’ kusho uCol Netshiunda.