KUPHELE amahlathi umsolwa evinjezelwa amaphoyisa enxanxatheleni yezitolo.
Isigameko sangempelasonto sokuqothwa kwabantu esigcemeni sakwa-Q eMlaza, sishiye amalungu omphakathi eshaqekile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uphenyo lwesikhashana lukhomba ukuthi ababulali bane, omunye ufike wafuna ipasi lakhe elasala esehlakalweni sokubulala, esenzeka phambilini.
Uthe kusolakala ukuthi omunye wabantu ababulewe ubenawo umazisi wendoda efunwa uthuli ngamaphoyisa.
UNetshiunda udalule ukuthi amaphoyisa azibekele umgomo wamahora angu-72 wokuthungatha abasolwa
FUNDA NALOLU DABA: Ingebhe ‘umbulali owaziwayo’ eqotha 9
Lo mgomo azibeke wona amaphoyisa ube yimpumelelo ngokubambisana kwezinhlaka ezahlukene.
Kuhlangane amaphoyisa aphenya amacala abucayi nodlame, uphiko lwesifundazwe, nePhoenix Trio Task Team and Crime Intelligence.
“Lawa maphoyisa azungeze izindawo zaseMbumbulu, uMlaza, eMpandweni, nasePitela behogela umkhondo wabasolwa.”
Inhlanzi ishelwe amanzi umsolwa esagcaluza enxanxatheleni yezitolo eThekwini.
Umsolwa obanjiwe ubekwe amacala ayisikhombisa okubulala nelilodwa lokuzama ukubulala. Uvela namhlanje enkantolo yeMantshi eMlaza.
THOLA Isolezwe kusasa ufunde kabanzi ngaleli cala.