UBEBUKEKA edidekile ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yaseVredenburg owesifazane ongumsolwa wesine ecaleni lokuthumba nokudayiswa kwengane uJoshlin Smith (6).
UNksz Lourencia Lombaard (32), obebukeka edangele, uvele ngoMsombuluko ekuseni enkantolo.
Lo wesifazane usolwa uMbuso ngokuba mdibi munye nabanye abasolwa abathathu okukhona nonina kaJoshlin ekunyamalaleni kwalengane engakatholakali.
Icala lihlehliselwe uMsombuluko ngesonto elizayo ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili.
UMbuso ukuveze zisuka amadaka wathi uzosiphikisa isicelo sokuba akhululwe ngebheyili uNksz Lombaard.
Umsolwa ucele ukuba atolikelwe ngesiBhunu okukhulunywa enkantolo.
UJoshlin unyamalale ngoFebhuwari ngakubo eSaldanha Bay eWestern Cape.
Umphakathi waphuma inqina umthungatha kodwa wathola izimpahla ayezigqokile kuphela. Unina kaJoshlin nesoka lakhe bayibonga ibheyili kanti bazobuyela enkantolo ngoMeyi.
Bekuthulekile ngaphandle kwasenkantolo, bengekho ababhikishi futhi kungahenqiwe ngocingo oluhlabayo.
Bekunedlanzane labantu ebelikade liqhinqe ngaphandle kwenkantolo ligqoke izikibha ezinobuso bukaJoshlin.