UMENGAMELI weNkantolo yeziFunda KwaZulu-Natal, uboshiwe wabe esethweswa amacala amahlanu athinta inkohlakalo.
UMnuz Eric Sibusiso Nzimande (62) uvele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, ngoLwesine, ngokuphulwa komthetho olwa nenkohlakalo, iPrevention and Combatting of Corrupt Activities (PRECCA) Act wango-2004.
Uphiko lezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu-Natal lusola ukuthi uNzimande wemukela imali eyintshontsho enguR230 000.
Okhulumela iNPA eKZN, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe kwakuthenjelwe kuNzimande ekutheni kube nguyena onikeza uNgqongqoshe wezobuLungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo amagama okumele babambe izikhundla zokuba izimantshi.
Kubikwa ukuthi ungqongqoshe wayekade ethembele kuNzimande ukuze aqoke laba bantu.
“Esikhathini esiphakathi kuka-Ephreli 2012 no-Okthoba 2015, uNzimande waphakamisa amagama abantu abehlukene ukuba baqokelwe kulezi zikhundla,” kusho iNPA.
Lolu phiko lusola ukuthi uNzimande wayefuna intshontsho kulabo aphakamisa amagama abo.
Enkantolo, uNzimande uhlinzekwe ngamaphepha anohlu lwamacala athweswe wona.
Icala libe selihlehliselwa uMeyi 20, ngo-2024, lapho uNzimande kulindeleke ukuthi avele khona okokuqala enkantolo enkulu.
Eminyakeni eyedlule, kwabikwa ukuthi uNzimande waqokwa ekubeni uMengameli weNkantolo yeziFunda ngoJuni 2011.
Uke wabizelwa phambi kwezigcawu eziqondisa ubugwegwe emuva kovela kwalezi zinsolo.