ABASOLWA abathathu okubalwa kubo nowayeyintombi kamufi babhekene namacala amathathu okubulala, ukuthumba nokuzama ukubulala.
Lokhu kulandela uphenyo lwamaphoyisa olususwe wumbiko wokulahleka kwezithandani ngomhla ka-15 kwephezulu endaweni yaseVanderbijlpark.
Amaphoyisa abikelwe ngokunyamalala kowesilisa oneminyaka engu-35 ubudala nentombi yakhe (29) ekhulelwe.
UKiwiet Makangeni Mokoena, nentombi yakhe uNokuphila Dladla bagcine ukubonakala ngoLwesithathu mhla ka-14 bevakashelwe ngamalungu omndeni ekhaya labo eVanderbijlpark.
“Amaphoyisa abikelwe ngokulahleka kwabo ngemuva kokuthi uMokoena engafikanga emsebenzini ngosuku olulandelayo. Bobili bebenyamalale nemoto yabo,” kusho uLieutenant Colonel Mavela Masondo.
Kujutshwe amathimba ahlukene, okubalwa kuwo oKlebe, iK9 elekelelana namaphoyisa aseVanderbijlpark nawaseHeidelberg ukucinga laba abalahlekile.
“Uphenyo lwamaphoyisa luwaholele kowayeyintombi yomufi nabanye abasolwa ababili,” kusho uLt Col Mavela Masondo.
Abasolwa baseminyakeni ephakathi kuka-30 no32 ubudala, bazovela namhlanje eNkantolo yeMantshi eHeidelberg.