INHLANZI ishelwe amanzi kowesifazane owayenguthisha oboshwe oKlebe ngoxhaxha lwamacala enkohlakalo yomshwalense ocela esigidini.
UNkk Thembi Sishi (60) uthweswe amacala angu-34 okufaka izicelo zenkokhelo yomshwalensi ngomgunyathi imali engu-R897 912 isiyonke.
Umsolwa uvele enkantolo yamacala athinta imali eThekwini ngoLwesithathu.
Uzogqunywa esitokisini njengoba inkantolo icala ilihlehlisele uMsombuluko ngesonto elizayo ukuze acele ibheyili.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal, uLietuenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthe uNkk Sishi wayeqashwe ewuthisha phakathi kweminyaka u-2007 no-2017.
“Wayefaka izicelo zenkokhelo eziwumgunyathi ezinkampanini ezahlukene. Wayethi izihlobo zakhe nezingane azizalayo azikhave kumasingcwabisane zishonile. Abanye balaba bantu abazishonelanga,” kuchaza uMhlongo.
UMhlongo uthe izinkampani zemishwalense zabe sezimkhokhela lesi samba semali uma seyihlanganisiwe.
Icala lavulwa esiteshini samaphoyisa saseDurban North idokoto labe selidluliselwa koKlebe ukuze baqhubekele phambili nophenyo.
UNkk Sishi ukhishelwe incwadi egunyaza ukuba aboshwe ngoLwesibili.
Ukukhalelwa ngamasongo kaSigonyela kukaNkk Sishi kushayelwe ihlombe inhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona.