BAFUNA angayinuki ibheyili owesilisa waKwaNgcolosi, oboshwe ngamaphoyisa aseNanda ngoLwesine, ngecala lokubulala ngesihluku ingoduso yakhe nyakenye.
UNksz Siphithemba Nyide (34) waseMangamazini eFolweni kuthiwa ubulawe ngowesilisa eWushwini, khona KwaNgcolosi ngo-Ephreli 16. Umsolwa uboshwe engazelele eyogibela itekisi eNanda. Kwaziwa ukuthi ubelubangisephi njengoba ubelokhu efunwa ngamaphoyisa.
Esehlakalweni esishiye abantu bebambe ongezanzi, kuthiwa umufi obenguthisha esikoleni saseMgungundlovu, ugcine ukubonwa ngamalungu omphakathi elimele, enuka phu uphethroli.
Ngaleso sikhathi kuthiwa ubecela usizo lokuthi abalekiswe ayiswe endaweni ephephile ngoba umsolwa ufuna ukumbulala.
Kuthiwa kwathi kusenjalo umsolwa waqhamuka ehamba nomunye wesilisa, wabuza amalungu omphakathi ukuthi ngabe afuna ukufa kanye naye yini umufi.
Kuthiwa amalungu omphakathi abaleka, ezama ukuziphephisa nawo kumsolwa, kwathi emva kwesikhashana bemshiye nomufi, bezwa kuqhuma isibhamu, babona sekuvutha namalangabi omlilo.
Kuthiwa isidumbu sikamufi ebesishile, sithathwe ngabamakhaza kahulumeni emva kokutholakala kwaso, kuthiwa njengesomuntu ongaziwa.
Ngakolunye uhlangothi, umndeni kamufi waseFolweni obukhathazwe wukuthi usevele wanyamalala ngendlela engaqondakali kade evakashele umsolwa, naye obengasatholakali ndawo, akhetha ukubika emaphoyiseni, aphinde aya kwiSolezwe ukuyobika ngokunyamalala kwakhe.
Kuthiwa emva kokufunda udaba kwiSolezwe, iphoyisa lasesiteshini samphoyisa eNanda, elibe nokusola ukuthi umuntu okukhulunywa ngaye odabeni kungenzeka ukuthi yilo wesidumbu sakhe okuthiwa ngesomuntu ongaziwa, lathinta umndeni lawazisa.
Kuthiwa kwathathwe amasampula olibofuzo ezinganeni zikamufi ukuze kunonwe ukuthi akusiye yini uNksz Nyide. NgoJulayi nyakenye imiphumela yolibofujzo ibuye yathi nguye. Ngaleso sithathi umsolwa ubesalokhu enyamalale.
Udadewabo kamufi, uNkk Thembeka Martin, uthe isenzo sikamsolwa sokubaphuca othandiweyo wabo sishiye amanye amalungu omndeni edinwe kakhulu.
Uthe amaningi asakuthola kunzima namanje ukwamukela ukuthi umufi akasekho, nokuthi ushiye izingane ezisencane kakhulu njengoba ziphakathi kweminyaka eyisihlanu kuya kweyishumi.
“Uma evela enkantolo sizobe simasha. Asifuni anikwe ibheyili. Bukhulu kakhulu ubuhlungu asizwise bona ebulala udadewethu,” kusho Nkk Martin.
Uthe nakho ukuthi aqhubeke nokubaleka kuze kube wukuthi utholwa ngamaphoyisa eNanda eyogibela, kukhomba ngokusobala ukuthi akazisoli nhlobo ngesenzo sakhe.
“Asimdingi umuntu ofana naye emphakathini,” kusho uNkk Martin.
Uthe emashini yabo kuzobe kukhona nothisha ukuzobaseka baphinde bazwakazlise ilaka labo nabo ngokubulawa kukazakwabo ngesihluku.
Kuze kwashaya isikhathi sokushicilela amaphoyisa angakaphawuli.