KUTHOLOZA isomi ezikhindini kumsebenzi kaMasipala weTheku oboshelwe izinsolo zokweba aphinde acekele phansi amakhamera omkhandlu. Umsebenzi wesilisa oneminyaka ewu-30 ubudala, ulandwe ezaKwaDalawane ngoLwesibili, esemsebenzini.
Kuthiwa ungumsebenzi obhekene nokuqapha amakhamera agada ubugebengu kodwa kuthiwa ubebuye enze ngendlela yakhe ukuze angasebenzi kahle (amakhamera), kufezeke izinhloso zakhe. Kuvela ukuthi ubengazelele lutho ngesikhathi kufika ithimba limazisa ukuthi selimshonele, waboshwa kanjalo.
UMasipala weTheku unamakhamera owafake ezindaweni ezehlukene ukulwa nobugebengu. Lo mkhankaso wamakhamera uqiniswe kakhulu ngamaholidi kaKhisimusi ngenhloso yokuthuthukisa ukuphepha kwabantu.
Okhulumela uMasipala weTheku, uNkk Gugu Sisilana, uthe umsolwa uboshwe emuva kophenyo olunzulu lweCity Intergrity and Investigation Unit (CIIU) nabeSAPS.
“Uboshwe emuva kokuthi ebonakale ecekela phansi amakhebuli asanda kulungiswa axhumanisa ukusebenza kwamakhamera. La makhamera axhumene nesikhungo sezinhlekelele lapho kubhekwa khona ubugebengu,’’ kusho uNkk Sisilana.
UNkk Sisilana uthe umkhandlu ubuvule icala lokweba nokucekela phansi ingqalasizinda kamasipala. Akugcinanga ngokuthi aboshwe kodwa uphinde wanikwa incwadi emazisa ngokumiswa emsebenzini.
IMeya yeTheku, uMnuz uMxolisi Kaunda, uncome bonke abenze uphenyo babamba umsolwa.
“Sizimisele ngokuqeda ngalo lonke uhlobo lobugebengu kumasipala. Asinayo indawo yezigebengu kumasipala, ngeke sivume ukuthi kube nabantu ababeka engcupheni ukuphepha kwezakhamuzi,’’ kusho uKaunda.
Inhloko yoMnyango weziNhlekelele neZimo eziPhuthumayo, uMnuz Vincent Ngubane, uthe bazobopha noma wubani ophazamisa ukusebenza kwempahla yomkhandlu. Uthe kubiza kabi ukukhanda impahla uma isifile futhi kubuyisela emuva imizamo yokulwa nobugebengu.
UNgubane unxuse ukuthi abantu bangathuli, babikele umasipala uma bebona izigilamkhuba zicekela phansi impahla.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe imininingwane ayicacile kahle, abakakwazi ukuphawula kahle ngalolu daba.