KUBOSHWE amadoda amabili enye yawo ebikade ingaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa ngecala lokudlwengulwa kubulawe intombazane ebiwumfundi kaGrade 11.
Abasolwa ababili baboshwe ngokwehlukana eMalukazi naKwaShembe, eClermont.
Isidumbu sikaWandile Aphiwe Ngcobo, obefunda eDurban Girls Secondary, satholakala sinamanxena okugwazwa emzimbeni siboshwe izandla futhi sivalwe umlomo nge-pentihose kubo eMlaza ngoLwesibili ngoMeyi 28 nonyaka.
Kwebiwa iTV ne remote, idecoder neselula kamufi okusolakala ukuthi waqale wadlwengulwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, Brigadier Jay Naicker uthe abasolwa baneminyaka engu-25 nengu-39.
UNaicker uthe abaphenyi basebenze ubusuku nemini beqoqa ubufakazi.
“Uphenyo luholele ekuboshweni komsola oneminyaka ewu-25 otholakale nefoni kamufi ngoMgqibelo eMalukazi. Kuphinde kwaboshwa umsolwa oneminyaka ewu-39 ngesikabhadakazi ngeSonto KwaShembe, eClermont. Ubekwe icala lokudlwengula nelokubulala. Lo msolwa ubengaphandle ngoshwele onikezwa iziboshwa,” kusho uNaicker.
Uthe abasolwa kulindeleke ukuthi bavele enkantolo maduze.