PHAKATHI kwabasolwa ngokubulala uthishanhloko kukhona oneminyaka engu-15. Izigilamkhuba zisolwa ngokuduna imoto nokubulala uthishanhloko wesikole iPrince Bhekintinta High eSovana, kwaNongoma.
Kuthiwa isigameko senzeke ngoMgqibelo eBhanganoma, kanti umufi uhlaselwe ngabasolwa abathathu abaneminyaka engu-15, 19 no-28.
Ngokusho kukaConstable Thenjiswa Ngcobo, amaphoyisa abophe abasolwa ngecala lokuduna imoto nokubulala umgilwa oneminyaka engu-61.
“Abasolwa bavele ngoLwesithathu eNkantolo yeMantshi yaKwaNongoma,” kusho uConstable Ngcobo.
“Umsolwa oyedwa utholwe eyishayela imoto kamufi wase eyaboshwa.”
Ngokusho komthombo weSolezwe, umgilwa uhlaselwe ehamba ngemoto yakhe emgwaqweni wendawo.
“Kuthiwa abasolwa bamumisa, bacela ukuthi abasize abagibeze baya ndawana thize. Kuthiwa ebona ukuthi bayizingane, wabagibeza, wangasola lutho,” kusho umthombo.
Uthe bese kuphakathi nendlela ngesikhathi abasolwa bemjikela umgilwa, bamtshela ukuthi bona bebengafune sizo lokugitshezwa kodwa bafuna imoto ahamba ngayo.
“Bamdubulile ngaphambi kokuba bathathe imoto yakhe,” kusho umthombo.
Uqhube wathi isidumbu sikamufi sitholwe ngaphansi kwebhuloho endaweni yaSodwaleni.
Imizamo yokuthola ilungu lomndeni kamufi ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa.
Ilungu lesigungu sabazali esikoleni obekufundisa kuso umufi linqabile ukuphawula lathi makuqale kukhulunywe nomndeni kamufi.