KUBOSHWE nephoyisa kushaqwa abane ngamacala obugebengu ezindaweni ezehlukene eThekwini ngoLwesithathu.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa eKZN, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, esigamekweni esenzeke eBellair, abasolwa ababili abaneminyaka engu-32 nengu-35 baboshelwe icala lokubamba inkunzi.
“Kubikwe ukuthi laba ababili babambe amadoda amabili inkunzi, abaphuca amaselula abo nemali eSeaview. “Baphinde bazama nokuthumba abagilwa kodwa umphakathi wavele wahlangana masinyane, wavimbezela imoto yabo,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe kubizwe amaphoyisa, abasolwa baboshwa.
“Ngesikhathi esebabopha abasolwa, athole ukuthi oyedwa wabo uyiphoyisa. Batholwe nezimpahla zokwebiwa ebebeziphuce abagilwa,” kusho uLt Col Gwala.
Kwesinye isigameko, uthe amaphoyisa aseGreenwood Park abizelwe endaweni yesigameko esemgwaqweni uMhlangane, e-Avoca, lapho bekuhlasele khona amadoda amathathu abehlome ngezibhamu.
“Kuthiwa la madoda amathathu aphuce owesilisa iselula yakhe ngesikhathi ezihambela emgwaqweni. Amaphoyisa atshelwe ukuthi abasolwa bagibele itekisi, abalandela,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe abasolwa behle emgwaqweni uChris Hani (North Coast Road) nokuyilapho betholane phezulu khona namaphoyisa ngenhlamvu.
“Kulesi sigameko kufe umsolwa oyedwa, kwathi abanye ababili abaneminyaka engu-24 nengu-27 bakhalelwa amasongo kaSigonyela ngesikhathi bethi bazama ukubaleka, bayocasha esikhotheni,” kusho yena.
Kulesi sigameko kuthiwa amaphoyisa athole isibhamu sohlobo lwe-pistol nezinhlamvu ezintathu kumsolwa oshonile.
“Kuvulwe icala lokufa komuntu, elokuzama ukubulala, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni esiteshini samaphoyisa esiseGreenwood Park,” kusho uLt Col Gwala.
Uthe bonke laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yaaseThekwini namuhla ngokwehlukana kwezigameko abayamaniswa nazo.