UBOSHIWE owesilisa osolwa ngokubhunyela ngophethroli intombi yakhe maqede wayokhela ngomlilo yasha ubuhanguhangu eThaba Nchu, eFree State.
Umsolwa oneminyaka engu-41 kulindekele ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseSelosesha maduzane ngecala lokubulala intombi yakhe ebineminyaka engu-25.
Kuthiwa ngoMsombuluko ekuseni umuntu obezihambela emgwaqweni uMilner, ubone owesifazane embozwe yilangabi lomlilo.
Lo muntu kuthiwa uphuthume waya esiteshini samaphoyisa eyowabikela ngasekubonile.
Okhulumela amaphoyisa aseFree State, uLieutenant Colonel Thabo Covane, uthe amaphoyisa anikele endaweni yesigameko afica owesifazane obeshe kanzima.
UCovane uthe owesifazane ukwazile ukutshela amaphoyisa ukuthi yisoka lakhe elimbhunyele ngophethroli lase liyamshisa.
“Kubizwe abezimo eziphuthumayo, abafike ngokushesha baphuthumisa owesifazane esibhedlela, okuyilapho egcine ngokushona ekhona ngokuhamba kwesikhathi,” kusho uCovane.
Uthe kube sekuqalwa uphenyo kwathungathwa umsolwa, ogcine etholakale endaweni okuthiwa yise-Odendaalsrus, wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela.