KUBOSHWE owayeyiphoyisa ngokuthinteka esigamekweni sokudlwengulwa kwabesifazane ababeyingxenye yethimba elalithwebula eKrugersdorp ngoJulayi nonyaka.
Amaphoyisa athe ezinye zezimpahla ezantshontshwa kubagilwa zitholwe kulo leliphoyisa.
UBrigadier Brenda Muridili ukuqinisekisile ukuthi umsolwa, owayengu-warrant officer esiteshini samaphoyisa eKrugersdorp uboshwe ngoLwesithathu.
“Kutholwe ezinye zezimpahla zoyedwa walaba abadlwengulwa ziphethwe ilona wesifazane,” kusho uBrigadier Muridili.
Uthe umsolwa uvele kafishane eNkantolo yemantshi yaseKrugersdorp ngoLwesine.
Abesifazane abayisishiyagalombili abasebancane badlwengulwa ngoJulayi nonyaka ngesikhathi beyoqopha ivideo yomculo eduze nemayini engasasebenzi eWest Rand, eGoli.
Ithimba elinamalungu abalelwa ku-20 laphucwa izimpahla zokusebenza, imali namaselula.
Kusolwa ukuthi abasolwa bangamalungu wabamba igolide ngokungemthetho aziwa ngokuthi oZama Zama nokuyiwona awuhlupho emphakathini ngobugebengu.