KULINDELEKE ukuthi livele eNkantolo yeMantshi yaseXobho namuhla, iphoyisa elisolwa ngokubulala ngokuklinya intombi yalo obesekubalwa amahora ukuthi itete amawele amathathu, isidumbu sayo esitholwe sidindilize eceleni komgwaqo ngeledlule.
Umndeni uqinisekise ukuthi ngesikhathi isidumbu sikaNksz Busisiwe Ngubo (35) sihlinzwa, kutholakale ukuthi ubezoteta izingane zabafana ezintathu okuyinto okwakulindeleke ukuthi kwenzeke ngoLwesibili okuwusuku olwandulela abulawe ngalo.
Uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate, lukhiphe isitatimende esiqinisekisa ukuboshwa kukamsolwa ona-48 obeyisoka likamufi, owumseshi esiteshini samaphoyisa esiseXobho.
Okhulumela lolu phiko, uMnuz Robbie Raburabu, uthe umsolwa angase aphinde abhekane namacala okudayisa ngensangu njengoba ngesikhathi kugasela amaphoyisa ngoLwesihlanu okuwusuku aboshwe ngalo, utholakale nesikhwama sensangu okukholakala ukuthi uyayidayisa.
Uboshwa nje, amalungu somphakathi avuke injebomvu ngalo uLwesihlanu, agcwala umgwaqo amashela esiteshini samaphoyisa saseXobho ngalo uLwesihlanu ekuseni, efuna kusheshiswe ukuboishwa kwakhe njengoba kuthiwa ubesazintantela ngaphandle engazi nokuthi ludumephi, eqhubeka nomsebenzi.
UMnuz Mandla Ngcobo oyilungu lomphakathi futhi obengomunye wabebehola imashi, uthe ngesikhathi bethula uhlu lwezikhalo ezikhulwini zamaphoyisa, ziqinisekisile ukuthi ziyalusukumela udaba lwakhe.
“Bukhulu ubuhlungu esibuzwayo futhi uwufakile umndeni ezindlekweni. Umufi bekuwuyena obebhekelela umndeni njengoba bekuwuyena kuphela obebamba amatoho. Okunzima kakhulu ukuthi umndeni sekumele ubhekane nezindleko zokugcwaba izidumbu ezine,” usho kanje.
Lesi sigameko esenzeke endaweni yaseHlanzeni khona eXobho, kuthiwa umufi ubezohlangana nomsolwa ngobusuku obandulela obukutholwa kwesidumbu sakhe, okuvele ukuthi bebezohlela ukuthi uzohamba kanjani ukuya esibhedlela.
Kuthiwa umsolwa umthathe esangweni lakubo futhi bezingekho izimpawu zokuthi kungenzeka engabuyi njengoba kuthiwa umgilwa ubesezigqokele izingubo zokulala, isidumbu sakhe sitholwe ngamalungu omphakathi silaliswe eduze komgwaqo ebangeni eliyikhilomitha ukusuka kubo.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Nonhlanhla Khoza, uncome amaphoyisa ngokusheshisa uhlelo lokuboshwa komsolwa.
“Kubuyisa ithemba ukuboshwa kukamsolwa ngoba kukhombisa ukuthi akekho umuntu ongaphezu komthetho. Siyokhululeka mhla inkantolo yamthola enecala yamgweba. Siyafisa ukuthi athole udilikajele ngalesi senzo esiwunya kangaka,” usho kanje.
Uthe okubuhlungu kakhulu ukuthi umgilwa ubulawe ezithwele washiya emhlabeni ingane yakhe eneminyaka eyisishiyagalolunye.