BESE KUZANYWE izikhawu ezimbili ukubulala usigaxamabhande ophethe amaphoyisa esifunda uMzinyathi nokuthe ngeSonto kwaboshwa indoda eneminyaka engu-61 ngetulo lokuzama ukumbulala.
Amaphoyisa athe umsolwa uvela ngoMsombuluko eNkantolo yesiFunda eNewcastle.
Usolwa ngokuphehla nangokwakha itulo lokuba kubulawe uMajor General Francis Slambert ngoMeyi nango-Agasti nonyaka.
Kuthiwa le ndoda iboshwe emzini wayo oseDundee ngeSonto emuva kokuthi amaphoyisa ethole incwadi yenkantolo egunyaza ukuba iboshwe.
Leli phoyisa okungelesifazane kuvela ukuthi lithathe izintambo zokuphatha isikhundla ngonyaka odlule.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe uMaj Gen Slambert usesinde amahlandla amabili bezama ukumbulala phakathi kukaMeyi nango-Agasti nonyaka.
“Ufike kwezwakala uMaj Gen Slambert eMzinyathi, ukusebenza kwakhe okubukeka kuphazamise imigilingwane ebikade yenziwa yile ndoda esatshiswa okwenyoka kule ndawo. Kukholakala ukuthi ingumaqhuzu ekudayisweni kwezidakamizwa. Kunanezinsolo ezithi yaqasha izinkabi ezimbili ukuba zibulale lo sigaxamabhande,” kusho uNetshiunda.
Eqhuba uthe udaba lwabikwa emaphoyiseni lwase ludluliselwa ezingeni lesifundazwe ophikweni oluphenya amacala ahleliwe ukuze luqhubeke nophenyo.
Kuvela ukuthi amaphoyisa akwazile ukunxenxa iNkantolo yeMantshi yaseNewcastle ukuba iwanikeze incwadi egunyaza ukuboshwa kukamsolwa. Uzovela kuyo le nkantolo umsolwa namuhla.
UNetshiunda uthe ngesikhathi eboshwa umsolwa, kutholakale imishini eyizigxivizo yamaphoyisa neyasenkantolo kanye nesibhamu sokuzingela esikhulu i-.270.
UNetshiunda uthe ukuboshwa kwale ndoda kuqondane nesikhathi somkhankaso wezinsuku ezingu-16 olwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nasezinganeni.
“Amaphoyisa awabeka eqhulwini amacala alolu hlobo. Ngakho noma ngabe ubani ogila le migilingwane uzobhekana nengalo yomthetho,” kusho uNetshiunda.
Inyunyana yamaphoyisa iSouth African Police Union KwaZul-Natal inxenxe zonke izinhla ezikhona ezweni ukuba zikhuze lo mhlola.
IMenenja yeSAPU eKZN, uNkk Nurse Mdletshe, ithe kubukeka engekho okhuza lo mhlola wabuza ukuthi ubani ozovikela umphakathi uma sekubulawa amaphoyisa?