KULINDELEKE ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseMtshezi maduze ngecala lokubulawa kobengumsolwa, amaphoyisa amabili aboshwe ngoLwesibili.
Kuthiwa umgilwa oneminyaka ewu-29 obengumsolwa ecaleni elithile kubikwe ukuthi udukile ngoLwesibili emva kokuthi ebonakale ethathwa amaphoyisa enkabeni yedolobha eMtshezi, okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwatholakala isidumbu sakhe.
Okhulumela uphiko olubhekelele ukuziphatha kwamaphoyisa, i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) uMnuz Phaladi Shuping, uthe abaphenyi abangaphansi kwalo luphiko banikele endaweni yesigameko lapho kutholwe khona isidumbu sikamsolwa baqhuba uphenyo lwabo olunzulu.
“Lo luphiko luthole umbiko othi amaphoyisa amathathu aseMtshezi abelandela umkhondo ngomsolwa okuthe ngokuhamba kwesikhathi watholwa ebulewe. Kuboshwe amabili, elisebenzela esiteshini saseWembezi nelisebenzela eMabhanoyini,” usho kanje.
Uthe uphenyo lwe-Ipid luholele ekutheni kuhlonzwe abasolwa, zabakhalela.