Amaphoyisa abophe abasolwa abangu-11 kusukela kuqale impi embonini yamatekisi ePort St Johns, e-Eastern Cape ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa kulesiya sifundazwe, uColonel Priscilla Naidu, uthe abasolwa baboshelwe amacala okukhona kuwo awokubulala, ukuzama ukubulala, ukucekela phansi impahla, ukudubula emphakathini nodlame emphakathini. Uthe bazovela enkantolo maduze.
“Kutholwe nezibhamu ezingu-15 okukhona kuzo ezincane, ama-AK47, nezibhamu ezinkulu nezinhlamvu ezungu-328,” kusho uNaidu.
Umkhuzi wamaphoyisa esifundazweni, uLt-Gen Nomthetheleli Mene, uthe amaphoyisa nabathintekayo babe nezingxoxo nososheshini bamatekisi abalwayo, ngenhloso yokuqeda ngengxabano.
“Amaphoyisa ethu azoqhubeka nokuba sendaweni futhi singamaphoyisa siyazibophezela ekuphepheni kwabo bonke abantu endaweni,” kusho uMene.
Izolo amaphoyisa abike ukuthi ososheshini ababili babe sempini kudutshulwana erenki ePort St Johns.
Kuthiwa kufe onogada abathathu bakasoseshini owodwa waseLusikisiki, kwalimala nabantu abahlanu abadubulekile basohlangothini lwasePort St Johns. Kushiswe izimoto ezintathu.
Kuthiwa osomatekisi ababangayo ngabasebenzela eLusikisiki nasePort St Johns.