Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abayisikhombisa eKombe, phakathi kweNkandla naseMsinga, ngezinsolo zokutholakala nezibhamu okukhona kuzo ama-AK47 nezinhlamvu okungekho emthwethweni ngoMsombuluko ekuseni.
La madoda, aneminyaka ephakathi kuka-27 no-75, aboshwe ngemuva kokuthi amaphoyisa elunywe indlebe ngawo.
Amaphoyisa athe kungenzeka ukuthi kunomuntu osindile obezobulawa yila madoda njengoba eboshiwe nje.
“Abayisithupha baboshwe ngemuva kokutholakala ne-AK47, i-308 yokuzingela nezibhamu ezincane ezintathu zonke ebezinezinhlamvu,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.
Athe umkhankaso wawo udlulele kwenye indawo lapho kuboshwe khona umsolwa oyedwa otholakale nezibhamu ezingekho emthethweni.
“Ngesikhathi efika kule ndawo owesilisa oyedwa uboshwe ngemuva kokutholakala ne-AK47 ne-.38 special revolver nezinhlamvu. Bonke abasolwa bagcinwe esiteshini saseMuden futhi bazovela eNkantolo yeMantshi yaseGreytown maduze,” kusho amaphoyisa.