BATHATHU asebakhalelwe ngamasongo kaSigonyela, ngesigameko esiwundabamlonyeni sokubulawa kwabangu-18 abaqothwe eNgobozana, eLusikisiki, esifundazweni i- Eastern Cape.
Lokhu kumenyezelwe nguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu, enkonzweni yesikhumbuzo yalaba ababulewe, ebiseLusikisiki, izolo.
Ekhuluma nabebethamele le nkonzo, uMchunu uveze ukuthi owokuqala obekumenyezelwe ukuthi uthathwe ngamaphoyisa ukuyohlonywa imibuzo, ubuye wadedelwa, kanti bathathu asebeboshiwe abayamaniswa naleli cala okulindeleke ukuthi bavele enkantolo khona namhlanje.
“Leli zwe liphethwe ngomthetho, ngakho umsebenzi wamaphoyisa ukuqinisekisa ukuthi uyalandelwa. Sizokwenza konke okusemandleni ukubhekana nobugebengu,” usho kanje.
Uveze ukuthi bakhona abasazoboshwa ngalawa macala, kanti umsolwa amaphoyisa asevele ayamazi, usengaboshwa noma kunini kusuka manje.
Ukhale ngezigameko zokuphathwa budlabha kwezibhamu ezingekho emthethweni kuleya ndawo, wathi kodwa umphakathi uyabazi abenza lokhu ungababiki emaphoyiseni. UMchunu uthe akuzogcina kuphela ngokuboshwa kwabathinteka ecaleni lobulawa kwalaba abangu-18 okwenzeke ngoSepthemba 28, kodwa kukhona nabanye abathintekayo emacaleni okubulawa kwabantu abebesacanasa, amaphoyisa asezithendeni zabo.
Kulesi sigameko esashiya abantu bemangele sokubulawa kwabantu behlangene, kuthiwa singesikhulu kunazo zonke kwesezike zenzeka kuleya ndawo. Kusona kudlule emhlabeni uNksz Thobeka Sinqina (37), uNksz Samantha Sinqina (26), uNkk Mathembisile Mayekiso Sinqina (64), uNksz Nancy Sinqina (59), uNksz Dimpho Sinqina (30), uNksz Thali King Sinqina (26),uSmomoza Sinqina (14), uNksz Ruth King (21), uNksz Nonkanyiso Dukuza (19), uNksz Nombuliso Dukuza (32), uNksz Mandisa Dlokweni (59), uNksz Lungiswa Gawulakana (51), uMnuzThandeka Mhlaluvele (46), uNksz Nobelungu France (59), uNksz Themi Vimba (41), uNksz Nomazwi Ndleleni (59) uNksz Themi Vimba (41) noMnuz Sigobodo Gxobela (59).
Inkonzo yesikhumbuzo beyihanjelwe amalungu omphakathi, yizihlobo nemindeni yabagilwa, izikhulu zikahulumeni, ubuholi bomdabu, osigaxamabhande emaphoyiseni nabamabandla ezenkolo ahlukene.
Abajutshwe ukukhulumela imindeni, baveze ukuthi imindeni izofihla ngoLwesihlanu nangoMgqibelo.
Kulesi sigameko, abangu-13 badutshulwa babulawa besemzini owodwa. Kukholakala ukuthi ababulali badlulela komunye umuzi okhona endaweni, baqothwa abane.