KUTHOLOZA isomi esitokisini kubamangalelwa abane ababoshwe ngezinsolo zokukhwabanisa imali yamafa eMaster of High Court. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa asebenze ngokuzikhandla ukuze abophe abasolwa abane.
Abasolwa bangoNksz Zinhle Msomi (42), Lorraine Ndlovu (44), Zanele Hlengwa (45) noMnuz Nkosintahi Moya (62) bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini, ngamacala okukhwabanisa
UNetshiunda uthe kukhona owesifazane owayeyofaka isicelo semali enguR700 000 yefa elashiywa yindodana yakhe kepha wathuka woma amathe uma ethola ukuthi ukhona oseyithathile imali ozibize ngoyise kamufi.
UNetshiunda uthe emuva kwalokhu udaba lwabikwa emaphoyiseni aqala uphenyo olunzulu oluholele ekuboshweni kwabasolwa abane abashaqwe eThekwini. Uthe icala beliphenywa amaphoyisa aseDurban Central, asebenze ngobuyoninco agcine evalela abasolwa.
Uthe uphenyo luveze ukuthi abasolwa bebehambisa amaphepha omgunyathi ehhovisi likaMaster of High Court, befuna incwadi bese beyofaka isicelo semali.
Icala lihlehliselwe uLwesihlanu lapho bezobuyela enkantolo kuyolalelwa udaba lwabo.
KHONAMANJALO amaphoyisa abophe ummeli ngecala lokukhwabanisela ikhasimende lakhe elaela usizo, waliqola uR120 000. Kuvela ukuthi owesifazane wayefuna ukuthenga umuzi, wase ecela ummeli ukuthi amsize kanti akabuzanga elangeni.
Ummeli uMnuz Mzameleni Ntuli (34), uboshwe ngoLwesihlanu wavela enkantolo ngalo lolo suku. Kuthiwa wanxenxa ikhasimende ukuthi lifake imali kwi-akhawunti emuva kwalokho washaya wachitha, wathutha emahhovisi ayesebenzela kuwona eThekwini.