AKHALELWE ngamasongo kaSigonyela amadoda okusolakala ukuthi ayimigulukudu ebikade isibhubhisile ekugqekezeni nasekujamiseni ama-signal ezimoto eThekwini.
Lawa madoda kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Kubikwa ukuthi eyodwa yawo ibanjwe oqotsheni ngamaphoyisa ngesikhathi igqekeza imoto eSydenham, eThekwini ngoLwesihlanu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala uthe ngoLwesihlanu ngamadina amaphoyisa aqaphele imoto iHaval enombala obomvu ebikade isolisa.
Uqhube wathi lemoto beyikade inezinombolo okungezona ezayo futhi beyipakwe eduzane kwendlu yesonto.
“Amaphoyisa abelokhu eyibeke iso lemoto. Kube sekwehla kuyona owesilisa oqonde emotweni iToyota Etios empunga ebikade ipakwe eduzane kweHaval. Le ndoda izame ukuvula lemoto isebenzisa ukhiye wokuzakhela,” kulandisa uLt Col Gwala.
Uqhube wathi le ndoda ivulile yangena ngaphakathi emotweni iToyota kwathi ngesikhathi isakwaqazisa, isizama ukuyidumisa iyebe, yavele yathelekelwa amaphoyisa ayibamba.
Kuvela ukuthi le ndoda ibe isiqhutshwa ibuyiselwa emotweni iHaval ebiyehle kuyona kwaficwa ngaphakathi amadoda amabili ezihlalele.
“Amaphoyisa ayiseshile iHaval. Lawa madoda atholakale nezinto eziningi ezisetshenziswayo uma kugqekezwa noma kujanyiswa i-signal yemoto. Abe eseboshwa womathathu abekwa icala lokuzama ukuduna imoto nelokutholakala nezinto zokuyigqekeza,” kusho uLt Col Gwala.