Umkhuzi wamaphoyisa eNothern Cape, uLieutenant General Koliswa Otola, ukushayele ihlombe ukuboshwa kwabantu abayisishiyagalombili baseNigeria abasolwa ngokuhlasela amaphoyisa futhi balimaza nezimoto zawo.
Amaphoyisa abelandela umkhondo ngomunye wabo osolwa ngokuba nezidakamizwa ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoLwesine.
Ngesikhathi amaphoyisa esesha, ahlaselwe yiqulu labaseNigeria. Agcine esedubula ngezinhlamvu zenjoloba ukuzama ukubahlakaza.
“Omunye wabasolwa uboshelwe icala lokutholakala nezidakamizwa ezingavumelekile, abathathu baboshelwe ukudala udlame emphakathini, bagcinwe esiteshini samaphoyisa eKimberley,” kusho isitatimende samaphoyisa.
Kuthiwa ngesikhathi kusalandelwa imigudu yokuboshwa kwabo, abasolwa babulale amawindi esiteshini base bengezelwa amacala okulimaza impahla.
Kuphinde kwatheleka elinye iqulu esiteshini lasabisa ngokuziphindislela.
Kuthiwa amaphoyisa abaxwayise ngokuthi kumele bahlakazeke nokuyilapho belimaze khona izimoto zawo, kwabashowa abanye abane.
U-Lieutenant General Otola usigxekile lesi senzo wathi abaphazamisa ukusebenza kwamaphoyisa, bazobhekana nengalo yomthetho.
“Ngeke sikwamukele lokhu futhi sisahlola abasolwa ngokusebenzisana neHome Affairs ukuthola ukuthi basezweni ngokusemthethweni yini,” kusho uLt Gen Otola