ZIBAKHALELE ababanjwe oqotsheni bedayisela umphakathi izincwadi zekhansela eziqinisekisa indawo umuntu ahlala kuyo, esigamekweni esenzeke enxanxatheleni yezitolo KwaMnyandu.
Abasolwa abathathu abaneminyaka ephakathi kuka-22 no-25, kuthiwa kulindeke bavele enkantolo maduze ngamacala okukhwabanisa emva kokuthi bebhadanywe ngamaphoyisa kaMasipala weTheku bedayisa izincwadi okugunyazwe amakhansela kuphela ukuthi azinikeze abantu abazidingayo.
Kuthiwa baboshwe beqhuba leli bhizinisi labo kwi-khonteyna abasebenzela kuyo esenxanxatheleni yezitolo, kanti kuvele ukuthi amalungu omphakathi bawadayisela ngoR5 incwadi ngayinye.
UMnuz Mduduzi Nkosi oyikhansela kule ndawo igamalakhe elikokotelwe kulezi zincwadi, uthe emva kokulunywa indlebe ngabathile ngalesi senzo sabasolwa abakhipha izincwadi ngokungemthetho, ubikele amaphoyisa asukumele phezulu.
“Afikile okokuqala engawugqokile umfaniswano, azenza abantu abazothenga lezi zincwadi, nokuyilapho ekwazile ukuthola isiqiniseko sokuthi ziyadayisa. Kungijabulise kakhulu ukuboshwa kwabasolwa ngoba lesi senzo asiphazamisi nje kuphela ukusebenza kwamakhansela kodwa kubuye kuphazamiseke namalungu omphakathi azidinga ngempela ngoba amakhansela agcine esesaba ukukhipha izincwadi ngenxa yalobu bugebengu,” kusho uNkosi.
Uthe lesi sihlava ukholwa ukuthi siyenzeka ezindaweni eziningi ezakhele lo masipala kanti yinto ebahlukumeza kakhulu nozakwabo, futhi sebeke bayiphakamisa emhlanganweni wamakhansela. Uveze ukuthi nakuba sekukhona ababoshiwe kodwa ukholwa ukuthi baningi abaqhuba lawa mabhizinisi bedayisa izincwadi ezinikezwa amalungu omphakathi mahhala, wathi amaphoyisa kungakuhle alusukumele lolu daba ukuze kuqedwe ngalo mkhuba wokudayiswa kwezincwadi.
Okhulumela amaphoyisa kuMasipala weTheku, uSuperintendent Boysie Zungu, uthe ngesikhathi abasolwa beboshwa, kushaqwe izincwadi eziyishumi ezivela njengezisayinwe uNkosi, omazisi abangamakhadi abangu-16, abangu-13 abangamabhuku, amakhadi ezincwadi zokushayela amathathu nemali enguR975.
“Abasolwa babuye batholwa nesigxivizo okugunyazwe ukuthi sisetshenziswe ngamaphoyisa ukuqinisekisa okubhaliwe, i-passport eyodwa nekhadi lasebhange,” kusho uZungu.
Uthe amaphoyisa aphinde ashaqa nekhompyutha okusolakala ukuthi isetshenziswa abasolwa kuleli bhizinisi labo.
Kushaye isikhathi sokushicilela umasipala ungakayipenduli imibuzo othunyelelwe yona ngalolu daba.