KUVULWE amacala angu-130 ngezinsuku ezintathu zokuvota lapho kuboshwe khona abantu abangu-90 babekwa amacala ehlukene.
Lokhu kudalulwe uKhomishana wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola esithangamini nabezindaba sophiko lwezokuphepha iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NatJoints) ngeSonto ntambama
UMasemola uthe izigameko eziningi zibikwe e-Eastern Cape, KwaZulu-Natal naseMpumalanga.
Uqhube wathi linye icala lokubulala elibikwe eWartburg, eKZN.
“Ngosuku lokuqala lokuvota okuyisipesheli kubikwe amacala angu-26 kwaboshwa abantu abangu-24. Ngolwesibili kubikwe amacala angu-17, kwaboshwa abayisishiyagalolunye,” kusho uMasemola.
Uqhube wathi ngosuku lokuvota, ngoLwesithathu kubikwe amacala angu-37, kwavalelwa abantu abangu-57.
UMasimola uthe iningi lababoshiwe lidedelwe ngebheyili kodwa abangu-22 basagcinwe ezitokisini.
Lolu phiko luthe lwanelisekile ngezokuphepha nokugcinwa komthetho ngesikhathi sokhetho.