KUBOSHWE abaganene emva kokutholakala kwesidumbu seshende lenkosikazi sidindilize esikhotheni, sinamanxeba okugwazwa KwaNdelu, eMthwalume, ngeSonto.
Ngokuthola kweSolezwe, isidumbu sikaMkhohliswa Duma (52), obedume ngoMabhilidi, kuthiwa sitholwe ngumuntu ozithele phezu kwaso eduze kwendlela edlula ngaphandle komuzi wabasolwa ngoMsombuluko.
Kuthiwa amaphoyisa abashaqe ngokwehlukana abasolwa njengoba kuboshwe owesifazane (48) kuqala emva kokuvuma ukuthi nguye ombulele umufi.
Kuthiwa aphinde abuya azolanda umyeni wakhe (85) njengoba kukholakala ukuthi umlekelele ngesikhathi enza umshophi.
Nakuba umufi bese kuneminyaka ehlala kule ndawo, kuthiwa izihlobo zakhe azikaveli njengoba kuvela ukuthi ubehambe ehlala emizini yabantu lapho abebamba khona amatoho okukhelela abantu amanzi.
Umthombo ocele ukungadalulwa uthe udaba lokubulawa kukamufi luwundabizekwayo endaweni.
Ulandisa ngesigameko uthe: “NgeSonto umsolwa nomufi, abebephila ngokuhlale beziphuzele, bagcine ukubonwa belandelana eshibhini lendawo. Kuthiwa umsolwa wayelokhu etshela umufi ukuthi akangalokhu emlandela, ephethe ibhodlela lotshwala.”
Uqhube wathi lona wesifazane wagcina ehamba nebhodlela lakhe, umufi waqhubeka wamlandela.
“Asazi-ke ukuthi babangeni njengoba etholwe esebulewe ngoMsombuluko,” kusho umthombo odalule ukuthi emva kokutholwa kwesidumbu sikamufi, uma ebuzwa umsolwa ukuthi uphi umufi, waphendula ngelithi “ngimbulele”.
Umthombo uveze ukuthi umsolwa njengoba ebeshendeza nomufi ubenaye umyeni kodwa ogugile.
“Ungunkosikazi wesithathu wekhehla njengoba bashona ababili abangaphambi kwakhe. Ugana ikhehla nje vele selilidala, yena usangqabashiya,” kusho umthombo othe akekho obengayazi eyokushendeza kukamsolwa nomufi.
Omunye umthombo wendawo uveze ukuthi umsolwa ubelala nomufi khona emzini wakhe lapho agane khona njengoba ebengenayo indawo yokuhlala eqondile (umufi).
“Ubethi uma esemnyonyobisa kwakhe amgqokise iphinifa bese ethi kumyeni wakhe ngumngani wakhe ohlwelwe, ocela indawo yokulala uzohamba ekuseni, ikhehla lingaboni ukuthi ishende,” kusho umthombo.
Uqhube wathi ngelinye ilanga wagcina ebabhadama kwenye indlu waze walishaya ishende.
“Lokho akubayekisanga ukushendeza njengoba beqhubekile. Ngisho nezingane zekhehla, ezihlala eThekwini, ziyazi ngakho konke lokhu futhi zikubeka kucace ukuthi azimfuni umsolwa,” kusho umthombo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Mngoma (igama lakhe elingatholakalanga) lithe libikelwe ngodaba olushaqisayo kodwa belingakayi endaweini ukuyothola imininingwane.
“Ngithintiwe ngemikhuba yalo mama obengaziphethe kahle. Kodwa angikwazi ukuphawula kakhulu ngingakayi khona ukuyothola ulwazi olugcwele,” kusho uMngoma othe uzoya namuhla kule ndawo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMsinsini abophe abasolwa ababili, oneminyaka engu-48 nonengu-85.
“Ukuboshwa kwabo kulandela isigameko lapho kutholwe khona owesilisa (52) esikhotheni eMlamula ebulewe. Ubenenqwaba yezingozi ekhanda,” kusho uNetshiunda.
Uthe abasolwa bekulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi yasoThuthwini izolo.