KUBOSHWE abesilisa ababili abasolwa ngokuthumba nokubulala obefundisa esikhungweni semfundo ephakeme iMangosuthu Unuversity of Technology (MUT) obekubikwe ukuthi udukile ngeledlule.
UMnuz Chanlall Dwarika (61) obuye aziwe ngokuthi uShan obefundisa i-Electrical Engineering eMUT isidumbu sakhe sitholakale eNanda ngoMgqibelo.
UDwarika obehlala eVerulam kuthiwa wayeseSea Cow Lake eyolungisa imoto ngesikhathi ethunjwa.
Isithombe seCCTV sikhombisa uDwarika ehlohlolozwa ngabesilisa abathathu bemfaka emotweni yakhe kuCrow Road, eSea Cowlake, ayivezanga ukuthi imoto yasuka lapho yashonaphi.
The body of 61-year-old, Chanlall “Shan” Dwarika, has been found in Inanda – KZN.
— Yusuf Abramjee (@Abramjee) June 3, 2023
Dwarika was kidnapped by three men last Sunday in Crow Road in Sea Cow Lake, Durban.
He was an Electrical Engineering lecturer at the Manosuthu University of Technology (MUT)
CCTV footage… pic.twitter.com/1Mtr1QZyVO
UMnuz Vinod Singh weReaction Reaction Unit South Africa (RUSA), uthe umndeni kamufi wavula icala esiteshini samaphoyisa eGreenwood Park wacela usizo nakwiRUSA.
"Amaphoyisa ngokubambisana neRUSA abambe owesilisa emijondolo ekuCrow Road ngoLwesithathu, waphonswa imibuzo okuholele ekutheni kubanjwe omunye futhi wesilisa emijondolo eSpringfield Park," kusho uSingh.
Uqhube wathi kuvele ukuthi abasolwa babehamba ngemoto kamufi behamba bethenga utshwala ngamakhadi akhe asebhange ngaphambi kokuthi bambulale isidumbu sakhe basilahla ehlathini eNanda.
"Abasolwa bebengakwazi ukuchaza ukuthi bamlahla kuliphi ihlathi eNanda ngoba babedakiwe ngesikhathi belahla isidumbu. Bebekhomba izindawo eziningi ezehlukene kubhekwe kuleyo ndawo kungatholakali ngakusasa kushintshwe kubhekwe enye. Isidumbu size satholakala ngoMgqibelo," kuchaza uSingh.
UCol Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa kulesi sifundazwe, uthe kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokuthumba nokubulala uDwarika.
"Abanye abasolwa ababili okukholakala ukuthi nabo bayingxenye yaleli cala basagcwele amathafa, amaphoyisa asaqhubeka nokuphenyo," kusho uNetshuinda.
Ibamba lePhini likaShansela eMUT, uSolwazi Marcus Ramogale, uthe lesi sikhungo silahlekelwe yilungu eselisebenze isikhathi eside.
Esitatimendeni asithumelele abezindaba, uthe uDwarika usebenze kule nyuvesi iminyaka engu-26.
“ UDwarika ubewumuntu ozinikele ekwenzeni ushintsho kulabo ababencishwe amathuba phambilini,” kusho isitatimende.
Uthe ukuthunjwa nokubulawa kukaDwarika kuyisenzo esiyihlazo.