SELIBIZE umhlangano ophuthumayo ikhansela laku ward 59 ohlanganisa iBuffelsdraai nasOsindisweni, eVerulam okuzodingidwa kuwo ukuthi ubani owathatha isinqumo sokuthi kuqashwe inkampani yonogada okuthiwa badubule abantu.
Ikhansela, uMnuz Nkosi Mhlongo, litshele Isolezwe izolo ukuthi umhlangano uzoba kule ndawo ngoMsombuluko.
Uthe bathole ukuthi kunomuntu othile amgagule ngegama wathi uzwa kuthiwa uye ogunyaze ukuqashwa kwale nkampani.
“Sixakwa ukuthi uma kuzoqashwa inkampani yonogada entsha ngokujwayelekile siyaziswa njengomphakathi ngoba abanye bonogada basuke bezothathwa khona emphakathini. Kodwa kulokhu sibone sekukhona inkampani entsha efike yazohlukumeza umphakathi,’’ kusho uMhlongo.
Uqhube wathi imibuzo umphakathi onayo ukholwa ukuthi kufanele iphenduleke kulo mhlangano.
Ngeledlule kuthiwa inkampani yonogada idubule izakhamuzi ebezikule ndawo yokulahla udoti.
Ngokwejwayelekile izakhamuzi ziye ziyoqoqa okusengasebenziseka kule ndawo ngenhloso yokukudayisa bese ziyaziphilisa.
Kuvela ukuthi phakathi kwako kuye kube amathini, amakhathoni, oplastiki nezinsimbi.
Kulesi sigameko kudutshulwe kwabulawa uMnuz Njabulo Mbonambi okuthiwa udutshulwe ngenhlamvu yangampela esifubeni.
Kubuye kwavela ukuthi bangaphezu kuka-16 abantu abalimala baphuthunyiswa esibhedlela.
Umphakathi ukholwa nawukuthi kusekhona izidumbu zababeqoqa udoti ezigqitshwe ngezibi kuyona le ndawo ukuzama ukuqeda ubufakazi.
NgoLwesihlanu, onogada abayisishiyagalombili abasolwayo bavele eNkantolo yeMantshi yaseVerulam.
Bakhishwe ngebheyili ka-R3000 umuntu ngamunye, kanti icala labo lihlehliselwe u-Agasti 10 nonyaka.